Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 10:21 - IsiZulu 2020

21 Abelusi bayiziphukuphuku, abazange bamfune uSimakade; ngakho-ke abaphumelelanga, nomhlambi wabo wonke uhlakazekile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Ngokuba abelusi bayiziphukuphuku, abamfunanga uJehova; ngalokho abaphumelelanga, nomhlambi wabo wonke uhlakazekile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ngokuba abelusi baba yiziwula, abamfunanga uJehova; ngalokho abayikuphumelela, nezimvu zabo zonke ziyakuhlakazwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 10:21
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bonke abantu bayiziphukuphuku, abanalwazi; bonke ababumbi bathelwe ngehlazo nezithombe zabo ezibunjiweyo ziyinkohliso, azinamphefumulo.


Bonke bayiziphukuphuku neziwula. Ukuyala kwezithombe kufana nokhuni nje,


Abelusi abaningi basicekele phansi isivini sami, basinyathela isabelo sami, ifa lami elinxanelekayo balenze ihlane eliyincithakalo.


Abaphristi abashongo ukuthi: ‘Uphi uSimakade na?’ Abaphethe umthetho babengazi, ababusi baphambuka kimi, abaphrofethi baphrofetha ngoBhali, balandela okungenakusiza.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Le ndoda yilobeni ukuthi ayinamntwana, indoda engayukuphumelela ngezinsuku zayo. Ngokuba akukho namunye ozalweni lwayo oyophumelela, ahlale esihlalweni sobukhosi sikaDavide, abuye abuse kwaJuda.”


“Amakamela aso ayakuba yimpango, nemfuyo yaso eningi iyakuphangwa. Ngiyakubahlakazela ezindaweni zonke, bonke abadilingwe emaceleni amakhanda abo, ngehlisele phezu kwabo inhlekelele evela nxazonke,” kusho uSimakade.


Abaphrofethi baphrofetha amanga, abaphristi babusa njengoba beyalwa ngabaphrofethi. Abantu bami bathanda khona lokho, kodwa bayokwenzenjani uma kufika ukuphela na?”


“U-Israyeli ungumhlambi ohlakazekile; izingonyama zimxoshile. Eyokuqala emudlile, yinkosi yase-Asiriya, eyokugcina eqhoboze amathambo akhe, yinkosi yaseBhabhele.”


Abahlakaniphileyo bayohlazeka, badangale, babhajwe; balilahlile izwi likaSimakade, pho banakuhlakanipha kuni na?


Njengalokhu umelusi ewufuna umhlambi wakhe lapho uhlakazekile, kanjalo-ke ngiyakuzifuna izimvu zami, ngizihlenge kuzo zonke izindawo ezihlakazelwe kuzo ngosuku lwamafu nesigayegaye sobumnyama.


“Intukuthelo yami ivuthela abelusi. Ngiyakubajezisa abaholi bomhlambi, ngokuba uSimakade Wamabandla uyawunakekela umhlambi wakhe, indlu yakwaJuda. Uyakubenza bafane nehhashi lobukhosi bakhe empini.


“Vuka nkemba, umelane nomelusi wami, umelane nomuntu ongumgani wami. Shaya umelusi, ukuze kuhlakazeke izimvu, ngiyakuphendulela isandla sami kumawundlu,” kusho uSimakade Wamabandla.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka