Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 1:9 - IsiZulu 2020

9 USimakade wayeselula isandla sakhe, wathinta umlomo wami; uSimakade wathi kimi: “Ngibekile amazwi ami emlonyeni wakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 UJehova wayeselula isandla sakhe, wawuthinta umlomo wami; uJehova wathi kimi: “Bheka, ngibekile amazwi ami emlonyeni wakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 UJehova wayeseselula isandla sakhe, wathinta umlomo wami. Wayesethi uJehova kimi: “Bheka, ngibekile amazwi ami emlonyeni wakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 1:9
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wawenza umlomo wami wanjengenkemba ebukhali, wangithukusa ethunzini lesandla sakhe, wangenza umcibisholo omenyezelayo, wangithukusa emgodleni wakhe.


INkosi uSimakade inginikile ulimi lwabafundi ukuze ngikwazi ukuqinisa okhatheleyo ngezwi; njalo ekuseni ivusa indlebe yami, ukuba ngilalele njengofundiswayo.


Ngibeke amazwi ami emlonyeni wakho, ngakufihla ethunzini lesandla sami; ngeneke amazulu, ngamisa isisekelo somhlaba, ngathi eZiyoni: ‘Wena uyisizwe sami.’ ”


“Mina-ke, lesi yisivumelwano sami nabo,” kusho uSimakade, “sokuthi uMoya wami ophezu kwakho namazwi ami engiwabeke emlonyeni wakho akuyukusuka emlonyeni wakho, nasemlonyeni wabantwana bakho, nasemlonyeni wezizukulwane zakho,” kusho uSimakade, “kusukela manje kuze kube phakade.”


Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: “Uma uphenduka, ngiyakukwemukela, uyakuma phambi kwami. Uma uveza okuyigugu phakathi kokungenamsebenzi, uyakuba ngumlomo wami. Yibo abazobuyela kuwe, akusiwena ozophendukela kubo.


UJeremiya, umphrofethi, wawakhuluma wonke lawa mazwi kuZedekiya, inkosi yakwaJuda, eJerusalema,


“Zithathele umqulu wencwadi, ulobe kuwo wonke amazwi engiwakhulume kuwe ngo-Israyeli, nangoJuda, nangazo zonke izizwe, kusukela ngosuku engakhuluma ngalo kuwe ngezinsuku zokubusa kukaJosiya kuze kube namuhla.


Ngakho-ke, usho kanje uSimakade uNkulunkulu Wamabandla, uthi: “Ngokuba nikhulume leli lizwi, amazwi ami, ngiyakuwenza amazwi ami emlonyeni wenu, abe ngumlilo laba bantu babe yizinkuni, ubadle.


Wabuye wathi kimi: “Ndodana yomuntu, wonke amazwi ami engiyakuwakhuluma kuwe, afake enhliziyweni yakho, uwezwe ngezindlebe zakho.


Ngathintwa yisandla, sanginyakazisa ukuba ngigaqe ngamadolo ami nangezintende zezandla zami.


Bheka, onesimo samadodana abantu wathinta izindebe zami; ngase ngiwuvula umlomo wami, ngakhuluma, ngathi kowayemi phambi kwami: “Nkosi yami, ngenxa yombono imihelo ingehlele, angisenamandla.


USimakade wamnika uBhileyamu okwakufanele akusho kuBhalaki, wathi: “Buyela kuBhalaki ukhulume uthi.”


“Kepha kuyakuthi nxa benikhaphela, ningakhathazeki ngokuthi niyakukhuluma nithini, ngokuba niyakuphiwa ngaleso sikhathi eniyakukukhuluma.


UJesu wagudluka naso esixukwini, baba bodwa, wayesefaka iminwe yakhe ezindlebeni zaso, wafela amathe, wathinta ulimi lwaso,


Ngokuba uMoya oNgcwele uyakunifundisa ngaleso sikhathi okufanele nikusho.”


ngokuba Mina ngiyakunifunza amazwi nokuhlakanipha abangayukwazi ukumelana nakho noma baphikisane nakho bonke labo abalwa nani.


njengakho konke owakucela kuSimakade uNkulunkulu wakho eHorebhe ngosuku lomhlangano, wathi: ‘Mangingabe ngisalizwa izwi likaSimakade uNkulunkulu wami, nalo mlilo omkhulu kangaka mangingabe ngisawubona, funa ngife.’


“USimakade wayesethi kimi: ‘Benze kahle ngalokho abakukhulumile.


Ngizobavusela umphrofethi onjengawe phakathi kwabafowabo, ngibeke amazwi ami emlonyeni wakhe, uyobatshela konke engimyala ngakho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka