Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 1:12 - IsiZulu 2020

12 USimakade wayesethi kimi: “Ubone kahle, ngokuba ngiyakuqikelela ukuba izwi lami ngilifeze.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Wayesethi uJehova kimi: “Ubone kahle, ngokuba ngiyakulilinda izwi lami ukuba ngilenze.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 UJehova wayesethi kimi: “Ubone kahle, ngokuba ngiyakusheshisa izwi lami ukuba ngilenze.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 1:12
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Liyoba njalo izwi lami, eliphuma emlonyeni wami: aliyukubuyela kimi lilambatha, lingakakufezi lokho engikufunayo, liphumelele kulokho engilithumelele khona.


Izwi likaSimakade labuye lafika kimi ngokwesibili, lathi: “Ubonani na?” Ngathi: “Ngibona ibhodwe elibilayo, lifulathele inyakatho.”


USimakade wayesethi kimi: “Jeremiya, ubonani na?” Ngathi: “Amakhiwane; amakhiwane amahle, mahle kakhulu; namabi, mabi kakhulu, ngeke adliwa ngenxa yobubi bawo.”


“Kuyakuthi njengalokhu ngangibaqaphile ukuze ngibasiphule, ngibadilize, ngibabhidlize, ngibabhubhise, ngibalimaze, kanjalo-ke ngiyakubalinda ukuba ngibakhe, ngibatshale,” kusho uSimakade.


Kepha Mina Simakade ngiyakukhuluma lokho engiyakukukhuluma, izwi liyakufezeka, futhi aliyukubambezeleka, ngokuba ngezinsuku zenu, nina ndlu ehlubukayo, ngiyakukhuluma izwi, ngilenze, kusho iNkosi uSimakade.’ ”


“Ngakho-ke yisho kubo uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Wonke amazwi ami awayukubambezeleka; lokho engiyakukukhuluma kuyakufezeka,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


Yathi kimi: “Amose, ubonani na?” Ngathi: “Iqona elinezithelo zasehlobo.” USimakade wayesethi kimi: “Isikhathi sokuthalalisa kubantu bami u-Israyeli sesiphelile; angisayukubaxolela.


Wayesethi kuso: “Uphendule kahle; yenza lokho, uzakuphila.”


Abathile bezazimthetho baphendula bathi: “Mfundisi, ukhulume kahle.”


“USimakade wayesethi kimi: ‘Benze kahle ngalokho abakukhulumile.


Impindiselo ingeyami, nokunxephezela kungokwami, lapho unyawo lwabo lushelelela okwesikhashana, ngokuba usuku lwabo lwenhlekelele selusondele, izinto abalungiselelwe zona uyozenza zifike ngokushesha kubo.


“USimakade wawezwa amazwi enawakhuluma kimi; uSimakade wayesethi kimi: ‘Ngiwezwile amazwi alaba bantu, abawakhulume kuwe; basho kahle konke abakukhulumile.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka