Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 9:27 - IsiZulu 2020

27 UNkulunkulu makamnike indawo ebanzi uJafethi, ahlale emathendeni kaShemu, uKhanani abe yisigqila sabo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 UNkulunkulu amandise uJafete, ahlale ematendeni kaShemi, uKhanani abe yisigqila sabo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

27 UNkulunkulu uyokwandisa uJafete, futhi uyohlala ematendeni kaShemi; uKhanani abe yinceku yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 9:27
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Amadodana kaJafethi kwakunguGomeri, uMagogi, uMadayi, uJavani, uThubhali, uMeshekhe noThirasi.


Sengathi abantu bangakukhonza. Izizwe ngezizwe zikukhothamele. Busa phezu kwabafowenu, izizukulwane zikanyoko zikukhothamele. Mabaqalekiswe bonke abakuqalekisayo, babusiswe bonke abakubusisayo.”


Emva kukazamcolo uNowa waphila iminyaka engama-350.


Ngalolo lusuku impande kaJese iyakuma njengebhanela lezizwe; abezizwe bayoyifuna, nendawo yayo iyokuba nodumo.


“Ngiyakubeka isibonakaliso phakathi kwazo, ngithumele abasindileyo babo kwabezizwe, eTharishishi, ePhuli, naseLudi; abansala umnsalo eThubhali naseJavani, eziqhingini ezikude, ezingawuzwanga umbiko ngami, ezingayibonanga inkazimulo yami, ukuze balande ngenkazimulo yami ezizweni.


“Ngakho-ke bhekani, ngiyakumyenga, ngimholele ehlane, ngikhulume enhliziyweni yakhe.


“Ngokuba kusukela ekuphumeni kwelanga lize liyoshona iGama lami likhulu phakathi kwezizwe. Kuzo zonke izindawo iGama lami lilethelwa impepho neminikelo ehlanzekileyo, ngokuba likhulu iGama lami ezizweni,” kusho uSimakade Wamabandla.


Masinyane, abazalwane bamhambisa uPawula waze wayofika olwandle, kepha uSila noThimothewu basala lapho.


Uma-ke isiphambeko siletha ingcebo emhlabeni, nokwehluleka kwabo kuletha ingcebo kwabezizwe, kuyoba kangakanani ngokuphelela kwabo.


U-Izaya ubuye athi: “Kuyakuvela impande esiqwini sikaJesayi, eyakuvuka ukuba ibuse abezizwe; abezizwe bayakwethembela kuye.”


Ngakho-ke aniseyibo abafokazi nezihambi, kodwa seniyizakhamuzi kanye nabangcwele, ningabendlu kaNkulunkulu,


Ngakho-ke ngiyaninxusa ukuba ningadangali ngezinhlupheko engikuzo ngenxa yenu, eziwudumo kini.


ukuthi abezizwe bayizindlalifa kanye nathi, bamzimba munye nathi, nokuthi bangabahlanganyeli besithembiso kanye nathi kuKhristu uJesu ngevangeli;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka