Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 5:24 - IsiZulu 2020

24 U-Enokhi wayehamba noNkulunkulu. Wanyamalala, ngokuba uNkulunkulu wamthabatha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 U-Enoke wayehamba noNkulunkulu; kepha wayesengasekho nje, ngokuba uNkulunkulu wamthabatha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

24 U-Enoke wahamba noNkulunkulu, wayengasekho; ngoba uNkulunkulu umthathile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 5:24
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Yathi: ‘USimakade engiphila phambi kwakhe, uyothumela ingelosi yakhe ikuhole, enze indlela yakho ibe yimpumelelo. Wena uzakutholela indodana yami umfazi kwelakithi nasezihlotsheni zami.


Wabuyela kubafowabo wathi kubo: “Akasekho umfana emgodini, ngizoshonaphi mina na?”


Uyise uJakobe wayesethi kubo: “Niyangephuca abantwana bami; uJosefa akasekho, noSimeyoni akasekho, manje senifuna ukuthatha noBhenjamini; konke lokhu kungaphezu kwamandla ami.”


Esezelwe uMethusela, u-Enokhi waphila iminyaka engama-300 ehamba noNkulunkulu, waphinde wazala amadodana namadodakazi.


Isiyonke iminyaka eyaphilwa ngu-Enokhi yaba ngama-365.


Kwathi uMethusela eseneminyaka eyi-187, wazala uLameki.


Nanku umlando kaNowa nezizukulwane zakhe. UNowa wayengumuntu oqotho, engenasici esizukulwaneni sakhe, ehamba noNkulunkulu.


Kwathi lapho uSimakade esezomthatha u-Eliya amenyusele ezulwini ngesishingishane, u-Eliya no-Elisha basuka eGiligali.


Wathi: “Ucele into elukhuni, nokho-ke uma ungibona lapho ngisuswa kuwe, kuyokwenzeka kanjalo kuwe, kodwa uma ungangibonanga, akuyukuba kanjalo.”


Kwathi besalokhu behamba bexoxa, bheka, kwaqhamuka inqola yomlilo namahhashi omlilo, abehlukanisa, u-Eliya wenyukela ezulwini ngesivunguvungu.


U-Elisha wakubona lokho, wamemeza, wathi: “Baba, baba, inqola yempi ka-Israyeli nabamahhashi bakhe!” Akabange esambona futhi; wabamba izingubo zakhe waziklebhula kabili.


Kepha uNkulunkulu uyakuwukhulula umphefumulo wami esandleni sendawo yabafileyo, ngokuba uyakungamukela. Sela


Uyakungihola ngesiluleko sakho, andukuba ungamukele enkazimulweni.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Izwi liyezwakala eRama, ukulila nokukhala okumunyu, uRaheli ekhalela abantwana bakhe; uyala ukududuzwa ngabantwana bakhe, ngokuba abasekho.”


“Kwezwakala izwi eRama, ukukhala nokulila okukhulu, uRaheli ekhalela abantwana bakhe, engavumi ukududuzwa, ngokuba bengasekho.”


Wathi kuso: “Ngiqinisile ngithi kuwe: namuhla uzakuba nami ePharadisi.”


Kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu Yena esekukhanyeni; sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.


U-Enokhi, owayengowesikhombisa kusukela ku-Adamu, waphrofetha ngalaba, wathi: “Uyabona, iNkosi iyeza nezindimbane zabangcwele bayo,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka