Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 47:11 - IsiZulu 2020

11 UJosefa wabahlalisa uyise nabafowabo, wabanika indawo eGibhithe, indawo enhle kakhulu eRamesesi njengoba uFaro ayebayalile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 UJosefa wabahlalisa uyise nabafowabo, wabapha indawo ezweni laseGibithe, izwe elihle kunalo lonke, izwe likaRamesesi, njengalokho uFaro ebayalile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 UJosefa wayesebamisa uyise nabafowabo, wabanika indawo ezweni laseGibithe, endaweni enhle kunazo zonke yezwe, ezweni laseRamesesi, njengokuyala kukaFaro.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 47:11
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Niyothi: ‘Izinceku zakho selokhu kwathi nhlo zingabantu bemfuyo, thina nawobaba,’ ukuze anivumele nihlale eGosheni, ngokuba kwabaseGibhithe abelusi bayanengeka.”


Abakwa-Israyeli bahlala eGibhithe eGosheni, baba nempahla eningi, bazalana, banda kakhulu.


iGibhithe lisezandleni zakho. Uyihlo nabafowenu bahlalise endaweni enhle ezweni, mabahlale eGosheni. Uma kukhona phakathi kwabo abanekhono lokwelusa, ubabeke babe ngabaphathi bemfuyo yami.”


AbaseGibhithe baqoka abaphathi bezigqila ukuze babagqilaze abantu bakwa-Israyeli ngokubaphoqa ukwenza umsebenzi onzima, bamakhele uFaro imizi yokugcina izinto ePhithomi naseRamesesi.


Abantu bakwa-Israyeli basuka eRamesesi baya eSukhothi. Kwakungamadoda abalelwa ezi-600 000 ayehamba ngezinyawo, ngaphandle kwezingane.


Bayakugaxa kuye lonke udumo lwendlu kayise, abozalo nezizukulwane, zonke izitsha ezincane, imicengezi nezinkamba.


Basuka eRamesesi ngenyanga yokuqala ngosuku lwe-15 lwayo; ngosuku olulandela olwephasika. Abakwa-Israyeli baphuma ngendumiso bebuka bonke abaseGibhithe.


Isela kalizi kungengokweba, ukubulala nokubhubhisa. Mina ngize lapha ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime.


Ngizinika ukuphila okuphakade, azisoze zabhubha nanini, futhi akekho ongazihlwitha esandleni sami.


Ekhaya likaBaba kukhona izindlu eziningi; ukuba bekungenjalo, bengiyakunitshela ukuthi ngiya ukuyonilungisela indawo.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami. UBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.


Njengokuba uyiphe amandla phezu kwabantu bonke, ukuze bonke oyiphe bona, ibaphe ukuphila okuphakade.


“Baba, ngithanda ukuba labo ongiphe bonababe nami lapho ngikhona, ukuze bayibone inkazimulo yami ongiphe yona, ngokuba wangithanda umhlaba ungakasekelwa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka