Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 42:21 - IsiZulu 2020

21 Base behlanganisa amakhanda, bavumelana bathi: “Impela sinecala ngomfowethu, salubona usizi enhliziyweni yakhe, esincenga ukuba simhawukele, kodwa asimlalelanga, yingakho sivelelwa yinkathazo enje.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Base bethi omunye komunye: “Impela sitholile icala ngomfowethu, njengokuba sabona usizi lwenhliziyo yakhe, esincenga, kasamlalela; ngalokho lolu sizi selufike phezu kwethu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Base bethi omunye komunye: “Impela sinecala ngomfowethu, ngokuba sabona usizi lomphefumulo wakhe lapho esincenga, kepha asilalelanga; ngakho-ke lolu sizi lusehlele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 42:21
29 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Induna yabaphathindebe kaFaro yathi kuye: “Namhlanje ngiyawakhumbula amacala ami.


UJuda waphendula wathi: “Sizothini enkosini yami na? Sizakukhuluma sithini na? Sizakuzithethelela sithini na? UNkulunkulu uliveze obala icala lezinceku zakho. Bheka, silapha ukuba sibe yizigqila zenkosi yami, thina nalowo okutholakale kuye indebe.”


UJosefa wathi kubafowabo: “NginguJosefa. Ubaba usaphila na?” Abafowabo abakwazanga ukumphendula, ngoba babethuke kakhulu.


Kuthe ukuba abafowabo bakaJosefa babone ukuthi uyise usefile, bathi: “Mhlawumbe uJosefa usasibambele igqubu, funa azame ukuziphindiselela kithi ngabo bonke ububi esabenza kuye.”


UDavide wathi kuNathani: “Ngonile kuSimakade.” UNathani wathi kuDavide: “USimakade usisusile isono sakho, awuyukufa.


Wayesethi ku-Eliya: “Kodwa ngikone ngani wena muntu kaNkulunkulu? Uze lapha ukuba uzongikhumbuza isono sami nokuba kufe indodana yami na?”


Ovala indlebe ekukhaleni kwabampofu, naye uyokhala angaphendulwa.


Umuntu osindwa yigazi lomunye, uyakubaleka kuze kube segodini; makangasizwa muntu.


Akunguwe yini oziholele amanzi ngomsele, ngokushiya uSimakade uNkulunkulu wakho ngesikhathi ekuhola endleleni na?


Ububi bakho buyakukujezisa, nokuhlubuka kwakho kuyakukusola; yazi-ke, ubone ukuthi ukuhlubuka uSimakade uNkulunkulu wakho kuyinto embi nebaba kanjani; akusekho ukungesaba kuwe,” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla.


“Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: nina aningilalelanga ukuba nimemezele ukukhululeka, kube yilowo nalowo kumfowabo nakumakhelwane wakhe. Bhekani, ngizakumemezela ukukhululeka kini, kusho uSimakade. Ngizokhulula inkemba, ubhubhane nendlala; nginenze nihlupheke emibusweni yonke yomhlaba.


“Ukuziphatha kwakho nezenzo zakho kukulethele lezi zinto; lokhu kungenxa yokukhohlakala kwakho, ngokuba umunyu ufinyelele enhliziyweni yakho.”


Ngiyakuhamba, ngibuyele endaweni yami, bayoze balivume icala labo, bafune ubuso bami; kuyakuthi lapho sebesosizini bangifunisise.”


“Kepha uma ningeyukwenza kanjalo, niyobe nonile kuSimakade, futhi yazini ukuthi niyoba nesono.


Ngokuba ngokwahlulela enahlulela ngakho, nani niyakwahlulelwa ngakho, nangesilinganiso enilinganisa ngaso, nani niyakulinganiselwa ngaso.


Lapho impethu yakhona ingafi, nomlilo wakhona ungacimi.


ngokuba nginabafowethu abayisihlanu, ukuze abaxwayise, funa nabo beze kule ndawo yobuhlungu.’


Abaningi kulabo abakholwayo beza bavuma futhi badalula izenzo zabo.


Ngokuba ukwehlulela akuyukuba nasihawu kulowo ongabanga nesihe; isihawu siyakunqoba phezu kokwehlulela.


Kepha uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.


U-Adoni Bhezekhi, wathi: “Amakhosi angama-70 anqunywe izithupha noqukula ayevame ukucosha imvuthuluka ewa etafuleni lami, njengoba ngenzile, ngalokho uNkulunkulu uphindisele kimi.” Bamletha eJerusalema, wafela khona.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka