Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 39:7 - IsiZulu 2020

7 Emveni kwesikhathi umkaPotifari wamkhanuka, wathi kuye: “Lala nami.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kwathi emva kwalezo zinto umkankosi yakhe waphonsa amehlo kuJosefa, wathi: “Lala nami.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Emva kwalokho umkankosi yakhe wabheka uJosefa; wathi: Lala lami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 39:7
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

amadodana kaNkulunkulu abona amadodakazi abantu ukuthi mahle, aziqokela abafazi phakathi kwawo.


Kwathi lapho ethi uyawaletha ukuba adle, wambamba, wathi kuye: “Woza ulale nami, dadewethu.”


“Ngenza isivumelwano namehlo ami, ngingayibuka kanjani intombi ngokukhanuka na?


Phendula amehlo ami angakuboni okuyize, ungiphilise endleleni yakho.


Ndodana yami, uma izoni zikuyenga, ungavumi,


Lokhu kuyokusindisa kowesifazane ondindayo, nakowezizwe omazwi akhe ayashelela,


funa unikele ngodumo lwakho kwabanye, neminyaka yakho kwabanonya,


Ngokuba owesifazane oyisiphingi ungamkhokhela ngeqebelengwane lesinkwa, kepha umfazi ophingayo womuntu, uzingela impilo eyigugu yendoda.


Uyayibamba, uyayiqabula, engenamahloni, uthi kuyo:


Yingakho-ke izihlambi zinqandiwe, nemvula yakamuva ingabangabikho. Nokho ubunesibindi sobufebe, wenqaba ukuba namahloni.


Ekuqaleni kwayo yonke imigwaqo, wakha izindawo zakho eziphakemeyo, wenza ubuhle bakho baba yisinengiso, imilenze yakho wayenekela bonke abedlulayo, wandisa ubufebe bakho.


wena mfazi ophingayo, othatha abafokazi esikhundleni sendoda yakhe.


Wehlukile kwabanye besifazane ngokufeba kwakho, akekho okulandelayo ukuze afebe nawe, ngokuba nguwe okhokhayo; wena awukhokhelwa lutho, ngalokho-ke wena wehlukile kwezinye izifebe.


Kepha Mina ngithi kini: yilowo nalowo obuka owesifazane, amkhanuke, usephingile naye enhliziyweni yakhe.


Banamehlo agcwele ukulangazelela ukuphinga, futhi awakuyeki ukona. Bayenga ababuthakathaka, banenhliziyo eyejwayele ukuba nomhobholo, bangabantu abaqalekisiweyo.


Ngokuba konke okusezweni; inkanuko yemvelo yomuntu, inkanuko yamehlo, ukuzigabisa ngalokhu kuphila, akuveli kuYise, kodwa ezweni.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka