Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 39:10 - IsiZulu 2020

10 Nakuba umkaPotifari wayembelesela uJosefa imihla ngemihla, kodwa akavumanga ukulala naye, noma abe ndawonye naye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Kwathi esakhuluma kuJosefa izinsuku ngezinsuku, akamlalelanga ukuba alale naye, nokuba abe naye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Esakhuluma kuJosefa izinsuku ngezinsuku, akamlalelanga ukuba alale naye nokuba abe naye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 39:10
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Langa limbe lapho uJosefa engena endlini ezosebenza, kungekho muntu omunye endlini,


Kepha uJosefa wenqaba, wathi enkosikazini yomphathi wakhe: “Umphathi wami akakhathazeke ngalutho endlini yakhe, futhi ukunikele konke ezandleni zami.


Akamkhulu kule ndlu kunami, futhi akukho angigodlele khona ngaphandle kwakho, ngenxa yokuba ungumkakhe. Ngingakwenza kanjani-ke okubi kangaka, ngone kuNkulunkulu na?”


Ndodana yami, ungazibandakanyi nabo, ungalubhadi unyawo lwakho ezindleleni zabo,


Lokhu kuyokusindisa kowesifazane ondindayo, nakowezizwe omazwi akhe ayashelela,


Umlomo wowesifazane ondindayo ungumgodi ojulileyo; oqalekiswe nguSimakade, uyakuwela kuwo.


Ngokuba isifebe singumgodi ojulileyo, nowesifazane ondindayo uligodi eliminyeneyo.


Ucutha njengomphangi, andise inani labantu abambuluzayo.


Izindebe zowesifazane ondindayo ziconsa uju; umlomo wakhe ubushelelezi kunamafutha,


Dedisela kude naye indlela yakho, ungasondeli emnyango wendlu yakhe,


Uyayibamba, uyayiqabula, engenamahloni, uthi kuyo:


ukuze kukuvikele kowesifazane ondindayo, nakowezizwe onamazwi athophayo.


Uhlala ngasemnyango wendlu yakhe, esihlalweni esisendaweni ephakemeyo yomuzi,


“Ongenalwazi makaphambukele ngapha;” kulowo ongenangqondo, uthi kuye:


Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.


Ngakho-ke balekelani ubufebe. Zonke izono umuntu azenzayo zenzeka ngaphandle komzimba, kodwa ofebayo ungcolisa owakhe umzimba.


Ngakho-ke ngiyabayala abafelokazi abasebasha ukuba bagane, bazale izingane, banakekele indlu yabo, ukuze bangasiniki isitha ithuba lokuthuka.


Ngakho-ke zibalekele izinkanuko zobusha, uphokophelele ukulunga, ukukholwa, uthando, ukuthula kanye nalabo abakhuleka eNkosini ngenhliziyo ehlanzekileyo.


Bathandekayo, ngiyanincenga njengabafokazi nezihambi ukuba nidede ezinkanukweni zenyama ezilwa nomphefumulo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka