Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 38:7 - IsiZulu 2020

7 U-Eri, izibulo likaJuda, wayemubi phambi kukaSimakade, ngakho-ke uSimakade wambulala.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 U-Eri izibulo likaJuda wayemubi emehlweni kaJehova; uJehova wambulala.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 U-Eri izibulo likaJuda wayemubi emehlweni kaJehova; uJehova wambulala.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 38:7
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abantu baseSodoma babonakele kakhulu, benza inkohlakalo yodwa phambi kukaSimakade.


Isikhalo ngalo muzi sesisikhulu phambi kukaSimakade. Ngalokho usithumile ukuba sizowubhubhisa.”


UJuda wathathela indodana yakhe eyizibulo, u-Eri, umfazi ogama lakhe linguThamari.


Amadodana kaJuda kungu-Eri, u-Onani, uShela, uPherezi, noZera. Kuwona u-Eri, no-Onani bafela eKhanani. Amadodana kaPherezi: kwakunguHezironi noHamuli.


Nokho uNowa wafumana umusa emehlweni kaSimakade.


Wayesekhala kuSimakade, ethi: “Simakade Nkulunkulu wami, kungani wehlisele lo mfelokazi engigogobele kwakhe okubi okungaka uze ubulale indodana yakhe na?”


Amadodana kaJuda: u-Eri, u-Onani noShela, laba bobathathu wabazala kumKhananikazi, uBhathi Shuwa. U-Eri, izibulo likaJuda, wenza okubi phambi kukaSimakade; uSimakade wambulala.


Wawadabulisa amadodana akhe emlilweni esigodini sendodana kaHinomu, wahlola imihlola, wenza imilingo, wenza amalumbo wabuye wavumela abanamadlozi nabathakathi, wenza nokunye okubi okuningi phambi kukaSimakade, waze wachukuluza ulaka lukaSimakade.


Wena Nkulunkulu uzobaphonsa emgodini ojulileyo abantu abomele igazi nabakhohlisayo; izinsuku zabo zokuphila aziyukuba ngisho nayingxenye yazo, kodwa mina ngizokwethemba Wena.


Amadodana kaJuda: u-Eri no-Onani. U-Eri no-Onani bafela eKhanani.


Uma umuntu ona kumuntu, uNkulunkulu uyakumehlulela, kodwa uma umuntu ona kuSimakade, ngubani oyakumnxusela na?” Kepha awalalelanga izwi likayise ngokuba uSimakade wayefuna ukuwabulala.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka