Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 32:3 - IsiZulu 2020

3 UJakobe wathumela izithunywa ukuba zimendulele ziye kumnewabo u-Esawu, owayeseSeyiri, kwa-Edomi,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 UJakobe wathuma izithunywa phambi kwakhe ku-Esawu umfowabo ezweni laseSeyiri, izwe lakwa-Edomi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 UJakobe wathuma izithunywa phambi kwakhe ku-Esawu umfowabo ezweni laseSeyiri, izwe lakwa-Edomi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 32:3
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

namaHori asezintabeni eSeyiri, bawanqoba, bawaxosha aze afika e-Eli Pharani ehlane.


U-Esawu wathi kuJakobe: “Ake ungiphe kuleso silovela sakho esibomvu, ngafa yindlala.” Kungakho kuthiwa ungu-Edomi.


Ngiyakunxusa, ngihlenge esandleni somnewethu u-Esawu, ngokuba ngiyamesaba, hleze afike angihlasele mina, nabafazi bami, nezingane zami.


UJakobe wesaba kakhulu, wakhathazeka, wayesehlukanisa abantu ayehamba nabo, nezimvu, nezinkomo, namakameli, kwaba ngamaqembu amabili,


Ngicela inkosi yami idlule phambi kwenceku yayo, mina ngizobe ngitotobisa umhlambi nabantwana, ngize ngifinyelele emzini wenkosi yami eSeyiri.”


Ngalolo lusuku u-Esawu waphindela emuva, wabamba indlela ebheke eSeyiri.


U-Abhineri, indodana kaNeri, umkhuzi wempi kaSawule wayesethathe u-Ishi Bhoshethi, indodana kaSawule, waya naye eMahanayimi,


U-Elisha wakhuleka, wathi: “Simakade, ake uvule amehlo ayo ukuba ibone.” USimakade wawavula-ke amehlo aleyo nceku, yabona; bheka, intaba yayigcwele amahhashi nezinqola zomlilo zika-Elisha nxazonke.


Nanti inani lezinhloko ezazihlomile ezeza kuDavide eHebhroni, ukuba ziguqulele kuye umbuso kaSawule njengokusho kwezwi likaSimakade.


Zaze zazinhle izinyawo zakho ezimbadadeni, wena ndodakazi yesikhulu! Amathanga akho ayizindilinga anjengemihlobiso, umsebenzi wezandla zengcweti.


Lesi yisiphrofetho ngeDuma. Kukhona ongimemeza eseSeyiri, ethi: “Mlindi, yisikhathi sini sobusuku na? Mlindi, yisikhathi sini sobusuku na?”


Mayelana no-Edomi. Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Akusekho yini ukuhlakanipha eThemani na? Sekuphelile yini ukweluleka kwabanokuqonda na? Ngabe ukuhlakanipha kwabo sekushabalele na?


“Niyabona-ke, sengizakuthumela isithunywa sami; siyakulungisa indlela phambi kwami. INkosi eniyifunayo iyakufika ethempelini layo ngokuphazima kweso; nesithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso, bhekani, siyeza,” kusho uSimakade Wamabandla.


U-Edomi uyakuba yisabelo sakhe neSeyire izitha zakhe zibe yifa lakhe. U-Israyeli uyakudlondlobala ngamandla.


Wathumela izithunywa, zamendulela; zahamba, zangena emzini wamaSamariya ukuba zimlungiselele.


Kuthatha izinsuku ezili-11 ukusuka eHorebhe uya eKadeshi Bharineya uma uhamba ngendlela esentabeni iSeyiri.


Njengalokhu enza kwabozalo luka-Esawu ababehlala eSeyiri, ngesikhathi ebhubhisa amaHori phambi kwabo, ewephuca izwe lawo, kwase kuhlala bona endaweni yawo kuze kube yinamuhla.


ningalwi nabo, ngokuba angiyukuninika izwe labo, ngisho nendawo yamathe onyawo, ngokuba iSeyiri ngalinika u-Esawu ukuba libe yifa lakhe.


Indawo yabo yayisuka eMahanayimi, idabule kulona lonke iBhashani, wonke umbuso wenkosi u-Ogi waseBhashani, nemizi yonke eJayiri, eyayiseBhashani, okuyimizi engama-60,


U-Isaka ngamnika uJakobe no-Esawu. Ngamnika u-Esawu elezintaba kuze kube seSeyiri ukuba alidle libe yifa lakhe, kodwa uJakobe nabantwana bakhe behlela eGibhithe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka