Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 30:43 - IsiZulu 2020

43 Ngokwenza kanjalo, uJakobe waba yisicebi esikhulu, enemihlambi emikhulu yezimvu, nezimbuzi, nezincekukazi, nezinceku, namakameli, nezimbongolo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

43 Yayisikhula kakhulu impela le ndoda, yaba nemihlambi emikhulu, nezincekukazi, nezinceku, namakamela, nezimbongolo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

43 Lowo muntu wanda kakhulu, waba nezinkomo eziningi, nezincekukazi, nezinceku, namakamela, nezimbongolo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 30:43
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UFaro wamphatha kahle u-Abhrama ngenxa yomkakhe, wamxoshisa ngezimvu, izinkomo, izimbongolo, amakameli, izinceku nezincekukazi.


Ngaleso sikhathi u-Abhrama wayesecebe kakhulu, enemfuyo, nesiliva negolide.


USimakade uyibusisile kakhulu inkosi yami, iyisigwili. Uyiphe izimvu, izinkomo, isiliva, igolide, izinceku, nezincekukazi, amakameli nezimbongolo.


Yazi ukuthi nginawe; ngizokuvikela noma kuphi lapho uya khona, futhi ngiyokubuyisela kuleli lizwe, ngokuba anginakukushiya ngize ngikwenzele lokho engikwethembise khona.”


ngokuba ngingakafiki wawunemfuyo encane, kodwa selokhu ngafika imfuyo yakho isiyande kakhulu, futhi uSimakade ukubusisile noma kuphi lapho bengiya ngakhona; kodwa manje ngizoyisebenzela nini mina indlu yami na?”


Uma kungezintekenteke emhlanjini angazibeki izinduku. Zonke ezintekenteke kwaba ngezikaLabani, eziqinile zaba ngezikaJakobe.


UJakobe wezwa ukuthi amadodana kaLabani ayakhononda, athi: “UJakobe useqole ubaba konke obekungokwakhe, nale ngcebo yonke anayo uyithole ngezinto obekungezikababa.”


Uma uNkulunkulu kababa ebengenami, uNkulunkulu ka-Abhrahama, noKwesaba kuka-Isaka, ngabe manje ungibuyisela emuva ngingenalutho. Kepha uNkulunkulu ukubonile ukuhlupheka nokuzikhandla kwami, wazibonakalisa kuwe ebusuku bayizolo, wakuthethisa.”


Angilufanele lolu thando ongenzele lona nokwethembeka okungaka okukhombise mina inceku yakho. Ngawela leli Jordani ngiphethe kuphela udondolo, kodwa manje senginamaqembu amabili.


izimbuzikazi ezingama-200, nezimpongo ezingama-20, izimvukazi ezingama-200, nezinqama ezingama-20,


Nginezinkomo, izimbongolo, izimvu, izinceku zesilisa nezesifazane, ngakho-ke ngithumele ukuyazisa inkosi yami ukuze ngifumane umusa kuyo.’ ”


Ngiyakuncenga, samukele isipho sami esithunyelwe kuwe, ngokuba uNkulunkulu ube nomusa kimi, futhi nginakho konke engikudingayo.” UJakobe waqhubeka emncenga, u-Esawu wagcina esesemukele isipho sakhe.


Impahla yabo yayisiningi kakhulu ukuthi babengakwazi ukuqhubeka bahlale ndawonye. Izwe ababehlezi kulo lalingasabeneli bobabili ngenxa yemfuyo ababenayo.


Ngathenga izigqila zesilisa nezesifazane, nalezo ezazizalelwe kwami; nganginemfuyo eningi, imihlambi yezinkomo neyezimvu nezimbuzi, kukuningi ukwedlula okukanoma ngubani owangendulelayo eJerusalema.


Abayukutheza zinkuni endle, abayukugawula emahlathini, ngokuba bayakuphemba umlilo ngezikhali, baphange ababaphangayo, baqhwage impahla yalabo ababaqhwagayo,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


Kepha uma leyo nceku ithi enhliziyweni yayo: ‘Inkosi yami isalibele ukuba ifike,’ bese iqala ukushaya izisebenzi zesilisa nezesifazane, idle, iphuze, idakwe,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka