Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 30:16 - IsiZulu 2020

16 Kwathi kusihlwa uJakobe esebuyela ekhaya evela emasimini, uLeya waphuma wamhlangabeza, wathi kuye: “Namhlanje uzolala nami, ngokuba ngikuqashe ngamamandarike endodana yami.” Walala naye ngalobo busuku.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Kusihlwa uJakobe esebuya endle, uLeya waya ukumhlangabeza, wathi: “Ngena kimi, ngokuba impela ngikuqashile ngamamandragora endodana yami.” Wayeselala naye ngalobo busuku.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 UJakobe wafika evela endle sekuhlwile, uLeya waphuma ukumhlangabeza, wathi: “Kumelwe ungene kimi; ngoba impela ngikuqashile ngamamandrake endodana yami. Walala naye ngalobo busuku.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 30:16
3 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngezinsuku zokuvunwa kukakolo, uRubeni waya endle wathola amamandarike. Wawaletha kunina uLeya. URaheli wathi kuLeya: “Ake ungiphe nami amamandarike endodana yakho.”


Kepha wathi kuye: “Akwanele yini ukungithathela umyeni wami; manje usufuna ukungiphuca namamandarike omntanami na?” URaheli wathi: “Kulungile-ke, uJakobe uzolala nawe ngalobu busuku uma unginika amamandarike endodana yakho.”


UNkulunkulu wamlalela uLeya, wakhulelwa, wamzalela uJakobe indodana yesihlanu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka