Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 28:21 - IsiZulu 2020

21 ngize ngibuyele emzini kababa ngiphephile, impela uSimakade uzokuba nguNkulunkulu wami,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 ukuze ngibuyele endlini kababa ngokuthula, khona uJehova uyakuba nguNkulunkulu wami,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 ukuze ngibuyele endlini kababa ngokuthula; uJehova uyakuba nguNkulunkulu wami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 28:21
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inceku yakho, ngesikhathi isahleli eGeshuri e-Aramu, yenza isithembiso, yathi: ‘Uma impela uSimakade engangibuyisela eJerusalema, ngiyakumkhonza uSimakade.’ ”


UMefibhoshethi indodana kaSawule, wehla naye wayohlangabeza inkosi; wayengazigezanga izinyawo zakhe, engasigundile isilevu sakhe, noma ahlanze izingubo zakhe, kusukela ngosuku inkosi eyahamba ngalo kwaze kwaba lusuku eyabuya ngalo ngokuthula.


Wayesethi uMefibhoshethi enkosini: “Makathathe konke, njengoba inkosi yami, inkosi, isibuyele esigodlweni sayo ngokuthula.”


Wayesethi uNahamani: “Uma kungenjalo, inceku yakho mayinikwe umthwalo weminyuzi emibili womhlabathi, ngokuba inceku yakho ayisayukunikela ngomnikelo wokushiswa nomhlatshelo kwabanye onkulunkulu, kodwa kuSimakade kuphela.


UJabhezi wakhuleka kuNkulunkulu ka-Israyeli, wathi: “Sengathi ungangibusisa nokungibusisa, wandise umngcele wami, isandla sakho sibe nami, ungivikele ebubini, ngingehlelwa wubuhlungu.” UNkulunkulu wamnika akucelayo.


USimakade ungamandla ami nesivikelo sami, uyinsindiso yami, lona nguNkulunkulu wami, ngizokumtusa, nguNkulunkulu kababa, ngizokumphakamisa.


USimakade namuhla umnikile isiqiniseko sokuthi uyokuba nguNkulunkulu wakho, uyohamba ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, imiyalo yakhe, nezehlulelo zakhe; ulalele izwi lakhe.


kuyothi noma yini eyophuma emnyango wendlu yami izongihlangabeza, lapho ngibuya ngokuthula kubantu bakwa-Amoni, kube ngokukaSimakade, nginikele ngakho kube ngumnikelo wokushiswa.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka