Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 26:28 - IsiZulu 2020

28 Bathi: “Kuyasikhanyela ukuthi uSimakade unawe. Yikho sithi: ‘Masenze isifungo phakathi kwethu nawe, kube khona isivumelwano phakathi kwethu,’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Bathi: “Sesibone nokubona ukuthi uJehova unawe. Sathi: ‘Akube khona manje phakathi kwethu isifungo,’ phakathi kwethu nawe, senze isivumelwano nawe

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Base bethi: “Sibonile nokubona ukuthi uJehova unawe; sathi: ‘Makube khona isifungo phakathi kwethu, phakathi kwethu nawe, senze isivumelwano nawe;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 26:28
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngizakukufungisa phambi kukaSimakade uNkulunkulu wezulu nomhlaba, ukuthi ngeke uyithathele indodana yami umfazi emadodakazini amaKhanani, esihlala phakathi kwawo.


Uma ufika ezihlotsheni zami bese ziyenqaba ukukuganisela, uyobe usukhululekile esifungweni engikufungise sona.’


Ngakho-ke mina nawe masenze isivumelwano esiyakuba ngubufakazi phakathi kwethu.”


Inkosi yakhe yabona ukuthi uNkulunkulu unaye, nokuthi uNkulunkulu uyakuphumelelisa konke akwenzayo,


Kusukela ngaleso sikhathi eyambeka ngaso, waba ngumphathi wendlu yayo, nakho konke eyayinakho; uSimakade wawubusisa umuzi walowo mGibhithe, nakho konke ayenakho. Isibusiso sikaSimakade sasiphezu kwakho konke uPotifari ayenakho endlini nasemasimini.


USolomoni, indodana kaDavide, waziqinisa embusweni wakhe. USimakade uNkulunkulu wakhe, wayenaye, wamenza waba mkhulu, wadlondlobala.


Waqoqa wonke uJuda noBhenjamini, nababegogobele nabo bevela kwa-Efrayimi, kwaManase, kwaSimeyoni, ngokuba uquqaba oluningi lwaluhlubukele kuye, luvela kwa-Israyeli, ngesikhathi selubona ukuthi uSimakade uNkulunkulu wakhe unaye.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Ingcebo yaseGibhithe nokuzuziweyo kwaseKhushe, nangamaShebha, abantu abade; kuyakuza kuwe, kube ngokwakho; bayakukulandela, bafike beboshwe ngamaketanga; bakukhothamele, bakhuleke kuwe, bathi: ‘UNkulunkulu unani kuphela, akekho omunye, akekho omunye uNkulunkulu ngaphandle kwakhe.’ ”


Amadodana alabo abakuhluphileyo ayoza kuwe ekhokhoba, ekuhlonipha, nabo bonke abakwedelelayo bayokhothama ngasematheni ezinyawo zakho, bakubize ngokuthi nguMuzi kaSimakade neZiyoni loNgcwele ka-Israyeli.


Kodwa nina niyakubizwa ngokuthi ningabaphristi bakaSimakade, kuyakuthiwa ngani niyizikhonzi zikaNkulunkulu wethu; niyakudla imfuyo yezizwe, nizibonge ngodumo lwazo.


Abantwana babo bayakwaziwa phakathi kwezizwe, nezizukulwane zabo phakathi kwabantu; bonke abababonayo bayovuma ukuthi bayisizukulwane uSimakade asibusisile.”


Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?


kuthi izimfihlo zenhliziyo yakhe zidalulwe, lowo uyakukhothama athi mbo ngobuso, akhuleke kuNkulunkulu, avume ukuthi: “Impela uNkulunkulu ukhona phakathi kwenu.”


Maningaphili ngokuthanda imali, yaneliswani ngeninakho, ngokuba Yena ushilo wathi: “Angisoze ngakulahla, futhi angisoze ngakushiya,”


Phela abantu bafunga omkhulu kunabo; kubona isifungo siyakuqeda ukuphikisana konke, siqinise.


USimakade wathi kuJoshuwa: “Namuhla ngizakuqala ukukuphakamisa emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli, ukuze bazi ukuthi ngiyoba nawe njengoba nganginaye uMose.


UNahashi wakwa-Amoni wenyuka, wakanisa eJabheshi Gileyadi. Bonke abantu baseJabheshi bathi kuNahashi: “Masenze isivumelwano, thina sizokukhonza.”


USawule wakubona lokho, wazi ukuthi uSimakade unoDavide. UMikhali, indodakazi kaSawule, wamthanda uDavide.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka