Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 24:30 - IsiZulu 2020

30 Kwathi ukuba abone indandatho ekhaleni, namasongo ezingalweni zikadadewabo, futhi esekuzwile okushiwo ngudadewabo uRibheka, ethi: “Ikhulume kanjalo indoda kimi,” waya kuleyo ndoda eyayimi eduze kwamakameli ngasemthonjeni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Kwathi esebone icici namasongo ezandleni zikadadewabo, wezwa amazwi kaRebeka udadewabo, ethi: “Washo njalo lo muntu kimi,” waya kulowo muntu; bheka, wayemi ngakuwo amakamela ngasemthonjeni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Kwathi lapho ebona icici namasongo ezandleni zikadadewabo, wezwa amazwi kadadewabo uRebeka, ethi: “Yilokhu indoda ekhulume kimi; ukuthi wafika kumuntu; bheka, wayemi ngasemakameleni ngasemthonjeni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 24:30
7 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lapho amakameli eseqedile ukuphuza, inceku yathatha icici legolide lasekhaleni, elisisindo salo kuyingxenye yeshekeli, namasongo amabili asezingalweni, asisindo sawo singamashekeli ayishumi egolide,


URibheka wayenomfowabo ogama lakhe kunguLabani; uLabani wagijima waya kuleyo ndoda eyayisemthonjeni.


Wathi kuyo: “Woza ungene, wena obusisekile kaSimakade. Usameleni ngaphandle lokhu sengikulungisele indlu nendawo yamakameli akho na?”


iziqhaza, amasongo, izimvakazi,


Intombi ingakhohlwa yini yimvunulo yayo, nomakoti ixhama lakhe na? Nokho abantu bami bangikhohliwe izinsuku ezingenakubalwa.


“Umsindo wesixuku esihlezi kahle wawuzwakala lapho; kwalethwa nezidakwa zasehlane, bazifaka amabhengele ezandleni zazo, nemiqhele emihle emakhanda azo.


Wathi kunina: “Izinhlamvu zesiliva eziyi-1 100 ezathathwa kuwe, waqalekisa ngenxa yazo, ngikuzwa; uyabona-ke, lelo siliva likimi, yimi engalithatha.” Unina wathi: “Sengathi indodana yami ingabusiswa nguSimakade!”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka