Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 20:11 - IsiZulu 2020

11 U-Abhrahama waziphendulela wathi: “Kufike kimi umcabango wokuthi uNkulunkulu akesatshwa kule ndawo, ngizobulawa ngifele umkami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 U-Abrahama wathi: “Ngokuba bengithi: Impela ukumesaba uNkulunkulu akukho kule ndawo; bayakungibulala ngenxa yomkami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Wayesethi u-Abrahama: “Ngokuba ngithe: Impela ukumesaba uNkulunkulu akukho kule ndawo; futhi bazongibulala ngenxa yomkami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 20:11
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kuyothi uma amaGibhithe ekubona athi: ‘Ngumkakhe lo.’ Bese mina engibulala, kodwa wena akuyeke uphile.


U-Abhimeleki wambuza u-Abhrahama wathi: “Iyini inhloso yakho ngokwenza le nto na?”


Kanti-ke nangaphezu kwalokho ungudadewethu okwangempela, sizalwa ndodanye, sehlukene ngomama, nokho-ke ngamenza umkami.


Yathi: “Ungamthinti umfana, ungamenzi lutho, ngoba manje sengiyazi ukuthi ungumuntu omesabayo uNkulunkulu, ngokuba awungigodlelanga indodana yakho eyodwa.”


Kwathi lapho amadoda akuleyo ndawo embuza ngomkakhe, wathi kuwo: “Ungudadewethu,” ngokuba wayengafuni ukulikhipha ngembaba elokuthi ngumkakhe, esaba ukuthi amadoda endawo azomsoconga ngenxa kaRibheka, kwazise wayemuhle kakhulu.


Ngosuku lwesithathu uJosefa wathi kubo: “Yenzani lokhu ukuze niphile, ngokuba ngingumuntu omesabayo uNkulunkulu.


Ababusi engibalandelayo babethwesa abantu umthwalo onzima, befuna intela yokudla newayini, ngaphezu kwezinhlamvu ezingama-40 zesiliva abebevele bezikhokha. Ngisho nezinceku zabo zabacindezela abantu, kodwa mina angenzanga kanjalo, ngenxa yokwesaba uNkulunkulu.


Kwakukhona indoda e-Uzi egama layo kwakunguJobe; leyo ndoda yayingenasici; iqotho, imesaba uNkulunkulu, futhi ikugwema okubi.


Wathi kubantu: ‘Bhekani, ukwesaba iNkosi kungukuhlakanipha; ukusuka enkohlakalweni kungukuqonda.’ ”


Abaqondi lutho bonke abenza okubi, abadla abantu bami sengathi badla isinkwa, bengakhuleki kuSimakade.


Ukumesaba uSimakade kuyisiqalo sobuhlakani. Iziwula ziyakwedelela ukuhlakanipha nokuyalwa.


Ngomusa neqiniso isiphambeko siyathethelelwa, ngokwesaba uSimakade ububi buyadeda.


khona uyakuqonda ukuthi kuyini ukumesaba uSimakade, uthole ulwazi ngoNkulunkulu.


Ukwesaba uSimakade kungukuzonda okubi. Ukuzikhukhumeza, ukuzidla, indlela embi, nomlomo ophoxayo, ngiyakuzonda.


Akukho ukwesaba uNkulunkulu phambi kwamehlo abo.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka