Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 19:9 - IsiZulu 2020

9 Bathi: “Suka lapha lesi sifiki! Usuzosishayela imithetho! Sesizohlupha wena-ke kakhulu kunawo.” Ayesemdudula uLothi aze acishe awufohloza umnyango.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Bathi: “Suka lapha!” Bathi futhi: “Lo muntu oyedwa wafika ukuba agogobale; usefuna ukwahlulela; manje siyakukuhlupha wena kunabo.” Bamcindezela kakhulu lo muntu uLoti, basondela ukuba bafohloze umnyango.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Bathi: “Suka.” Baphinda bathi: Lo ungene ukugogobala, uyakuba ngumahluleli; manje sizokuphatha kabi kunabo. Bayicindezela indoda, uLoti, basondela ukuba bafohloze umnyango.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 19:9
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathi: “Bheka, laba bantu basizwe sinye, bakhuluma lulimi lunye. Lokhu kuseyisiqalo nje sezinto abazozenza. Manje sebezokwenza noma yini abazimisele ukuyenza.


U-Abhrama wayesehlala eKhanani, uLothi wahlala phakathi kwemizi esethafeni, wagxumeka ithende lakhe eduze komuzi iSodoma.


Yaphendula yathi: “Ngubani okubeke inkosi nomehluleli phezu kwethu na? Ufuna ukungibulala njengalokhu ubulele umGibhithe na?” UMose wayesesaba, wacabanga wathi: “Impela lokhu sekuyaziwa.”


Ohlakaniphileyo uyesaba, futhi uyadeda ebubini, kodwa isiwula siyaqhosha, asinaki lutho.


Kungcono ukuhlangana nebhere elephucwe amawundlu alo, kunesiwula ebuwuleni baso.


Itshe liyasinda nesihlabathi sinzima, kodwa ukuchukuluza kwesiwula kusinda ukwedlula kokubili.


Siwuvula nje umlomo waso sikhuluma ubuwula, kuthi ekugcineni inkulumo yaso ibe ngukuhlanya okubi.


Nabu ububi obukukho konke okwenzeka phansi komthunzi welanga: bonke behlelwa yinto efanayo; izinhliziyo zabo bonke abantu zigcwele ububi, ukuhlanya kukuzo besaphila, emuva kwalokho baya kwabafileyo.


abathi: ‘Mana khona lapho, ungasondeli kimi, ngokuba ngehlukanisiwe kuwe;’ laba bantu banjengentuthu emakhaleni ami, umlilo ovutha usuku lonke.


Yingakho-ke izihlambi zinqandiwe, nemvula yakamuva ingabangabikho. Nokho ubunesibindi sobufebe, wenqaba ukuba namahloni.


Abanamahloni ngenxa yezinengiso abazenzileyo, abanamahloni nakancane, abakwazi nokukhophoza; ngalokho bayakuwela kulabo asebewile; ngesikhathi sokubajezisa kwami bayakukhubeka,” kusho uSimakade.


Kabanamahloni ngezinengiso abazenzileyo, kabanamahloni nakancane; abakhophozi, kabazi, ngakho-ke bayakuwela phakathi kwalabo asebewile; ngesikhathi sokujeziswa kwabo bayakukhubeka, kusho uSimakade.


“ ‘ “Nakhu okwakungukona kukadadewenu uSodoma: ukuzikhukhumeza, ukuba yisiminzi, nokunethezeka namadodakazi akhe; kodwa ababasizanga abampofu nabantulayo.


“Ningaziniki izinja okungcwele, ningawaphonsi amapharele enu phambi kwezingulube, funa ziwanyathele ngezinyawo, ziphenduke, zinidwengule.


UmFilisti wathi kuDavide: “Woza kimi, nginike izinyoni zezulu nezilwane zasendle inyama yakho.”


Uma lowo muntu ethe kuyo: “Impela mabashise kuqala amanoni, andukuba uthathe inyama ngokuthanda kwakho,” yathi: “Hhayi, ilethe manje, uma ungayilethi ngizozithathela ngenkani.”


Ngakho yazi-ke, ubone ukuthi uzokwenzenjani, ngokuba ububi buyayinyonyobela inkosi yethu nendlu yayo yonke, kwazise ingumuntu ongazihloniphi ukuba umuntu angakhuluma nayo.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka