Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 19:5 - IsiZulu 2020

5 Bammemeza uLothi bethi: “Akuphi lawa madoda angenise kuleyo ndlu namuhla na? Akhiphele lapha phandle siwalale.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Bambiza uLoti, bathi kuye: “Aphi lawa madoda angenise kuwe ebusuku na? Sikhiphele wona ukuba siwazi.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Bambiza uLoti, bathi kuye: “Aphi lawa madoda angenise kuwe ebusuku na?” Zikhiphele kithi, ukuze sizazi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 19:5
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ULothi wayesephumela phandle, wavala umnyango.


Kwaba khona nezifebe zesilisa zethempeli kulelo lizwe, abantu benza okufana nakho konke okunengisayo kwabezizwe, uSimakade abaxosha phambi kwabakwa-Israyeli.


Insali yomkhuba wobufebe basethempelini, eyayisele emihleni kayise, u-Asa wayibhubhisa ezweni.


Ukuba uSimakade Wamabandla ubengasishiyelanga insali, besiyakufana neSodoma, sibe njengeGomora.


Ukubukeka kobuso babo kufakaza ngabo; izono zabo bazenza obala njengaseSodoma, abazifihli. Maye kubo! Ngokuba bazilethela ububi phezu kwabo.


Yingakho-ke izihlambi zinqandiwe, nemvula yakamuva ingabangabikho. Nokho ubunesibindi sobufebe, wenqaba ukuba namahloni.


Abanamahloni ngenxa yezinengiso abazenzileyo, abanamahloni nakancane, abakwazi nokukhophoza; ngalokho bayakuwela kulabo asebewile; ngesikhathi sokubajezisa kwami bayakukhubeka,” kusho uSimakade.


“ ‘ “Nakhu okwakungukona kukadadewenu uSodoma: ukuzikhukhumeza, ukuba yisiminzi, nokunethezeka namadodakazi akhe; kodwa ababasizanga abampofu nabantulayo.


Babeziphakamisa, benza izinengiso phambi kwami, ngase ngibasusa njengokubona kwami.


ISamariya, izono elizenzileyo azisiyo ngisho ingxenye yezono zakho; wena wandise kakhulu izinengiso zakho kunabo, odadewenu ubenze babukeka belungile kunawe ngenxa yalezi zinengiso ozenzileyo.


“ ‘Awuyukulala nowesilisa njengowesifazane; kuyisinengiso lokho.


“ ‘Indoda elala nowesilisa njengowesifazane, bobabili benze okunengisayo; bayobulawa nokubulawa, igazi labo libe semakhanda abo.


Kanti anazi yini ukuthi ababi abayukulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na? Ningayengeki, ngokuba izifebe, abakhonza izithombe, iziphingi, abahlobongayo, abaphangi, abalalanayo benobulili obufanayo,


“Makungabi bikho sifebe sethempeli emadodakazini nasemadodaneni akwa-Israyeli.


izifebe, abesilisa abalalanayo, abathumba abantu, abaqambimanga, abafunga amanga, nanoma yikuphi okunye okuphambene nemfundiso elungileyo;


Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakudlebeleka ebubini, badukise, njengokuba bedukisiwe.


Abaningi bayakulandela amanyala abo adluleleyo, ngokuba ngenxa yabo indlela yeqiniso iyakuhlanjalazwa,


Kepha wamhlenga uLothi owayelungile, owayekhathazwe ngamanyala axakile ayenziwa ngabangenamthetho.


NjengeSodoma neGomora nemizi eyakhelene nayo, yenza ubufebe ngokufanayo, yalandela ubufebe obuxakile. Bayisibonelo sokubhujiswa ngomlilo ongunaphakade.


Besazijabulisa, kwatheleka abantu bakulowo muzi, ababekhohlakele kakhulu, bazungeza indlu, baqala ukungqongqotha emnyango, bethi ekhehleni elingumninindlu: “Khiphela phandle umuntu ongenise endlini yakho ukuze silale naye.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka