Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 19:21 - IsiZulu 2020

21 Yathi: “Kulungile, ngiyakuzwela kulokho, angisezukuwubhubhisa lo muzi owushoyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Wathi kuye: “Bheka, nakule nto ngiyakukuvumela; angiyikuwuchitha lo muzi okhuluma ngawo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Wathi kuye: “Bheka, nami ngikuthokozisile ngale ndaba, ukuthi angiyikuwubhubhisa lo muzi okhulume ngawo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 19:21
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngizokwenza ube yisizwe esikhulu, ngikubusise, ngikunike udumo, wena ube yisibusiso.


Kungenzeka kube khona abalungileyo abangama-50 kulo muzi. Ngabe uzowuqothula wonke umuzi ungawuyeki ngenxa yabalungileyo abangama-50 abakuwo na?


Nankuya umuzi omncane oseduze, futhi mncane, ngingabalekela kuwo, ngiphephe.”


Kepha phangisa ubalekele kuwo, ngoba akukho engingakwenza ungakafiki kuwo.” Yingakho lowo muzi ubizwa ngokuthi yiZowari.


Uma wenza okuhle, awuzukwamukela okuhle yini na? Uma ungenzi kahle, isono sisemnyango, siyakunyonyobela; sifuna wena, kodwa wena sinqobe.”


Wawunaka umkhuleko wabangenalutho, akaze awedelela umthandazo wabo.


Usuthisa ukufisa kwabamesabeyo, uyakuzwa ukukhala kwabo, abasindise.


Amehlo kaSimakade aqaphela abalungileyo, izindlebe zakhe zivulekele ukukhala kwabo.


USimakade wathi kuMose: “Ngizokwenza nalokho okucelileyo, ngokuba ufumene umusa emehlweni ami, futhi ngikwazi ngegama.”


Usho kanje uSimakade kulaba bantu, uthi: “Njengoba bethandile ukuzulazula, bangazinqanda izinyawo zabo; uSimakade akabemukelanga. Manje uyakukhumbula isiphambeko sabo, abajezisele izono zabo.”


Umhlanga ofecekileyo akayukuwaphula, umongo othunqayo akayukuwucima, aze aphumelelise ubulungiswa, bunqobe.


Ngithi kini: noma engezukuvuka amnike utho ngokuba engumngani wakhe, kodwa ngenxa yokubelesela kwakhe uyakumnikeza konke akudingayo.


Ngakho kwamfanela ukuba abe njengabafowabo kukho konke, ukuze abe ngumphristi omkhulu onozwelo nothembekileyo kokukaNkulunkulu, kube yinhlawulo yezono zabantu.


UDavide wemukela esandleni sika-Abhigayili lokho ayemlethele khona; wayesethi kuye: “Buyela endlini, uphephile, ngikuzwile okushoyo, ngiyasemukela isicelo sakho.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka