Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 15:3 - IsiZulu 2020

3 U-Abhrama waqhubeka wathi: “Njengoba ungincishe umntwana nje, kusobala ukuthi le nceku ezalelwe lapha ekhaya yiyona ezokuba yindlalifa yami.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 U-Abrama wathi futhi: “Bheka, awunginikanga nzalo; bheka, inceku yendlu yami iyakuba yindlalifa yami.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Wayesethi u-Abrama: “Bheka, awunginikanga nzalo; bheka, ozelwe endlini yami uyakuba yindlalifa yami.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 15:3
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngizokwenza ube yisizwe esikhulu, ngikubusise, ngikunike udumo, wena ube yisibusiso.


Ngiyokwandisa izizukulwane zakho zibe ngangothuli lomhlaba, ukuze kuthi uma kukhona ongase akwazi ukubala uthuli lomhlaba, angazibala nezizukulwane.


Kuthe angezwa u-Abhrama ukuthi isihlobo sakhe sithunjiwe, wayesekhipha amadoda angama-318 ayeqeqeshelwe impi, ezalelwe emzini wakhe, wahamba nawo; bayixosha eyesitha baze bayofika kwaDani.


U-Abhrama waphendula wathi: “Nkosi Simakade, uzonginikani njengoba ngingenamntwana nje? Ngisho nefa lami imbala lizodliwa ngu-Eliyezeri waseDamaseku.”


Ithemba elingakagcwaliseki ligulisa inhliziyo; isifiso esiphumelele singumuthi wokuphila.


Inceku ekhuliswa ngokutotoswa kwasebuntwaneni, isiphetho sayo siyoba sibi.


nalapho isaliwakazi sigcagca, nencekukazi ithatha indawo yenkosikazi yayo.


Ngathenga izigqila zesilisa nezesifazane, nalezo ezazizalelwe kwami; nganginemfuyo eningi, imihlambi yezinkomo neyezimvu nezimbuzi, kukuningi ukwedlula okukanoma ngubani owangendulelayo eJerusalema.


Wena, Simakade, ulungile, noma ngikumangalela. Nokho ngiyakukhuluma nawe ngokwehlulela: kungani indlela yezikhohlakali ichuma na? Kungani banethezeke abakhohlisi boqobo na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka