Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 13:2 - IsiZulu 2020

2 Ngaleso sikhathi u-Abhrama wayesecebe kakhulu, enemfuyo, nesiliva negolide.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 U-Abrama wayefuyile kakhulu izinkomo, nesiliva, negolide.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 U-Abrama wayecebile kakhulu ngemfuyo, nangesiliva nangegolide.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 13:2
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UFaro wamphatha kahle u-Abhrama ngenxa yomkakhe, wamxoshisa ngezimvu, izinkomo, izimbongolo, amakameli, izinceku nezincekukazi.


Izwe ababehlezi kulo lalingasabenele, ngoba imfuyo yabo yabe seyande kakhulu kangangokuthi babengeke besakwazi ukuhlala ndawonye.


U-Abhrahama wayesemdala, neminyaka yakhe isiminingi kakhulu. USimakade wayembusisile u-Abhrahama ezintweni zonke.


USimakade uyibusisile kakhulu inkosi yami, iyisigwili. Uyiphe izimvu, izinkomo, isiliva, igolide, izinceku, nezincekukazi, amakameli nezimbongolo.


Waba nemfuyo, nemihlambi, nomndeni omkhulu kwaze kwavuka umona ngaye kumaFilisti.


Ngokwenza kanjalo, uJakobe waba yisicebi esikhulu, enemihlambi emikhulu yezimvu, nezimbuzi, nezincekukazi, nezinceku, namakameli, nezimbongolo.


Kanti awumbiyelanga yini nxazonke ngothango, yena nabomndeni wakhe, nakho konke anakho, wabusisa nomsebenzi wezandla zakhe na? Imfuyo yakhe iwuchibidolo ezweni.


Yayinezimvu eziyizi-7 000 namakameli ayizi-3 000, nezinkabi ezingamabhangqa angama-500 nezimbongolo zezinsikazi ezingama-500 nezisebenzi eziningi kakhulu. Leyo ndoda yayiyisikhulu esiphezulu kunabo bonke abantu basempumalanga.


Isibusiso sikaSimakade siyacebisa; akenezeleli usizi kuso.


Kodwa funani kuqala umbuso wakhe nokulunga kwakhe, yikhona konke lokhu kuyakwenezelelwa kinina.


“Kepha uyomkhumbula uSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba nguye okupha amandla okuzuza imfuyo ukuba amise isivumelwano sakhe afunga ngaso kokhokho bakho, njenganamuhla.


ngokuba ukuvocavoca umzimba kusiza kancane, kodwa ukwesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, futhi kunesithembiso kulokhu kuphila nakulokho okuzayo.


USimakade wenza abampofu bacebe; uyathobisa, bese ephakamisa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka