Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 12:15 - IsiZulu 2020

15 Izikhulu zikaFaro nazo zambona zamncoma kuFaro, wayeselethwa esigodlweni sakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Izinduna zikaFaro zambona, zambabaza phambi kukaFaro; owesifazane wangeniswa endlini kaFaro.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Izikhulu zikaFaro nazo zambona zamdumisa phambi kukaFaro, owesifazane wangeniswa endlini kaFaro.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 12:15
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ekufikeni kuka-Abhrama eGibhithe, amaGibhithe ambona owesifazane ukuthi muhle ngokwedlulele.


U-Abhrahama wathi ngomkakhe uSara: “Ungudadewethu.” U-Abhimeleki, inkosi yaseGerari, wathumela ukuba alandwe uSara, ukuze azithathele yena.


Kwathi lapho amadoda akuleyo ndawo embuza ngomkakhe, wathi kuwo: “Ungudadewethu,” ngokuba wayengafuni ukulikhipha ngembaba elokuthi ngumkakhe, esaba ukuthi amadoda endawo azomsoconga ngenxa kaRibheka, kwazise wayemuhle kakhulu.


UFaro wazithukuthelela zombili lezi zikhulu, induna yabaphathindebe nenduna yababhakizinkwa.


Emva kweminyaka emibili, uFaro waphupha emi ngasemfuleni.


USolomoni noFaro, inkosi yaseGibhithe, bakha ubuhlobo ngokuganiselana. USolomoni wayithatha indodakazi kaFaro, wayingenisa emzini kaDavide, waze waqeda ukwakha isigodlo sakhe, nendlu kaSimakade, nokwakha ugange oluzungeze iJerusalema nxazonke.


Manje wena wethemba udondolo lwalo mhlanga ofecekileyo oyiGibhithe, okuthi uma umuntu ezimelela ngalo, lumhlabe esandleni sakhe, lusigwaze; unjalo-ke uFaro, inkosi yaseGibhithe, kubo bonke abamethembayo.


Mfuneni uSimakade namandla akhe, nifunisise ubuso bakhe njalonjalo.


Lapho uFaro esezwile ngalokho wafuna ukumbulala uMose. Kepha uMose wabaleka phambi kukaFaro, wayohlala kwaMidiyani, wahlala phansi eduze komthombo.


Kwase kwehla indodakazi kaFaro iyogeza emfuleni, abaphelezeli bayo bagudla osebeni lomfula; yayisibona ubhasikidi emhlangeni, yayisithumela umsizi wayo ukuyowulanda.


Uma umbusi elalela indaba yamanga, zonke izikhulu zakhe ziyakhohlakala.


Unjalo-ke olala nomfazi kamakhelwane wakhe: noma yimuphi omthintileyo uyakujeziswa.


UFaro inkosi yaseGibhithe, nezinceku zakhe, nezikhulu zakhe, nabo bonke abantu bakhe,


Bayakumemeza lapho, bathi: ‘UFaro inkosi yaseGibhithe ungumsindo nje omkhulu, uliyekile ithuba lakhe.’


“Ndodana yomuntu, khihla isililo ngoFaro, inkosi yaseGibhithe, uthi kuye: “ ‘Wazifanisa nebhongo lengonyama ezizweni, kepha unjengesilwanekasi sasolwandle, lapho utheleka emifuleni yakho, ushaya idadamu ngezinyawo zakho, udunge imifula.’


Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede mawungangcoliswa, ngokuba uNkulunkulu uyakuzehlulela izifebe nabaphingayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka