Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 1:21 - IsiZulu 2020

21 UNkulunkulu wadala izilo ezinkulu zasolwandle, nezidalwa zonke ezitshuza emanzini ngezinhlobo zazo, nazo zonke ezindizayo ngezinhlobo zazo. UNkulunkulu wakubona ukuthi kuhle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 UNkulunkulu wadala imikhomo emikhulu nezilwane zonke eziphilayo ezihambayo, amanzi agcwala zona ngezinhlobo zazo, nezinyoni zonke ezinamaphiko ngezinhlobo zazo. UNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 UNkulunkulu wenza imikhomo emikhulu nazo zonke izidalwa eziphilayo ezihambayo, amanzi akhiqiza ngobuningi ngezinhlobo zazo, nezinyoni zonke ezinamaphiko ngezinhlobo zazo; uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 1:21
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

zibuse imini nobusuku, zehlukanise ukukhanya nobumnyama. UNkulunkulu wakubona ukuthi kuhle.


UNkulunkulu wathi: “Makugcwale uswebezane lwezidalwa eziphilayo ezinhlobonhlobo emanzini, kundize izinyoni emkhathini.”


Wazibusisa zonke izidalwa wathi: “Zalanani nande nigcwalise ulwandle.” Nasezinyonini wathi: “Yandani emhlabeni.”


UNkulunkulu wenza zonke izilwane zomhlaba ngezinhlobo zazo, nezilwane ezifuywayo ngezinhlobo zazo, nezihuquzelayo ngezinhlobo zazo. UNkulunkulu wakubona ukuthi kuhle.


UNkulunkulu wakubona konke ayekudalile ukuthi kwakukuhle kakhulu. Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesithupha.


USimakade uNkulunkulu wathatha umhlabathi wabumba zonke izilwane zasendle, nazo zonke izinyoni zezulu. Waziletha kumuntu ukuze abone ukuthi uzoziqamba athini; lawo magama umuntu aziqamba ngawo zonke izilwane eziphilayo, kwaba ngamagama azo.


Ungenise izinyoni ngezinhlobo zazo, nezilwane ngezinhlobo zazo, nezihuquzelayo ngezinhlobo zazo, konke lokho kungene ngakubili ukuze kuphile.


Kwangena zonke izilwane zasendle ngezinhlobo zazo, nezilwane ezifuywayo ngezinhlobo zazo, ezihuquzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo, nazo zonke izinyoni zezulu ngezinhlobo zazo, nakho konke okunamaphiko.


Khipha konke okuphilayo okunawe, izinyoni, zonke izilwane, nezilwane ezihuquzelayo, ukuze zizalane zande emhlabeni.”


Emkhunjini kwaphuma zonke izilwane, zonke izilwane ezihuquzelayo, nazo zonke izinyoni, nakho konke okuhambayo emhlabeni ngezinhlobo zakho.


Konke ngikwethula ezandleni zenu: izinyoni zezulu nezilwane zonke zomhlaba, nezilwane ezihuquzelayo, nazo zonke izinhlanzi zolwandle; kuyakwehlelwa wuvalo, kunesabe, kuthuthumele.


Kepha nina zalanani nande, nigcwalise umhlaba, nande kuwo.”


Kepha ake ubuze izilwane, zizokufundisa, nezinyoni zezulu, ukuze zikutshele.


“Izithunzi ziyathuthumela phansi kwamanzi, nakho konke okuhlala kuwo.


Ngilulwandle yini, noma inkanyamba yolwandle, uze ungibekele abalindi na?


Mdumiseni uSimakade emhlabeni nina mikhomo nezintwa zonke,


Abantu bakwa-Israyeli bazalana, banda, bachuma, baba namandla amakhulu; izwe lagcwala bona.


Umfula iNayili uzogcwala amasele, azokwenyuka, enyukele endlini yakho, nasekamelweni lakho, embhedeni wakho, nasemizini yezinceku zakho, neyabantu bakho, nakohhavini nasezitsheni zokuxovela inhlama.


“Ndodana yomuntu, khihla isililo ngoFaro, inkosi yaseGibhithe, uthi kuye: “ ‘Wazifanisa nebhongo lengonyama ezizweni, kepha unjengesilwanekasi sasolwandle, lapho utheleka emifuleni yakho, ushaya idadamu ngezinyawo zakho, udunge imifula.’


USimakade wathumela inhlanzi enkulu ukuba igwinye uJona. UJona wayesesiswini senhlanzi izinsuku ezintathu, nobusuku obuthathu.


USimakade wayiyala inhlanzi ukuba imhlanze uJona, yase imkhafulela emhlabathini owomileyo.


Njengalokhu uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu, kanjalo-ke neNdodana yomuntu iyakuba semathunjini omhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka