Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 9:25 - IsiZulu 2020

25 Isichotho sashaya savithiza kulo lonke iGibhithe, konke okwakusendle kusukela kubantu, izilwane, nazo zonke izitshalo emasimini; sashaya sayiphula yonke imithi yasendle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Isichotho sashaya konke okwakusendle, abantu nezinkomo, ezweni lonke laseGibithe; isichotho sashaya yonke imifino yasendle, saphula yonke imithi yasendle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Isichotho sashaya konke okwakusendle, abantu nezinkomo, ezweni lonke laseGibithe; isichotho sashaya zonke izitshalo zasendle, saphula yonke imithi yasendle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 9:25
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Imivini yabo wayibulala ngesichotho, nemikhiwane yabo, ngesangquma.


Izinkomo zabo wazinikela esichothweni nezimvu nezimbuzi zabo, emibanini.


Ngakho-ke thumela ukuba kubuyiswe imfuyo yakho nakho konke onakho okusendle kufakwe endaweni ephephileyo. Bonke abantu nezilwane okuzobe kusendle, isichotho sizokwehlela kukho kufe.” ’ ”


Kwehla isichotho nomlilo, nokuphazima okwakuhambisana nesichotho esasinamandla, esingakaze sibonwe eGibhithe selokhu laba yisizwe.


Ngakusasa uSimakade wakwenza lokho; yonke imfuyo yabaseGibhithe yafa, kodwa akufanga nayinye emfuyweni yabantu bakwa-Israyeli.


“ ‘Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngiyakudedela isivunguvungu ngentukuthelo yami, nemvula enezikhukhula ngolaka lwami, kwehle isichotho ngolaka oluqothulayo.


Besabaleka phambi kuka-Israyeli besuka emehlelweni eBhethi Horoni, uSimakade wehlisela phezu kwabo amatshe amakhulu evela ezulwini, baze bayofika e-Azeka, bafa. Babebaningi kakhulu ababulawa yisichotho kunalabo ababulawa ngu-Israyeli ngenkemba.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka