Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 8:18 - IsiZulu 2020

18 Osomlingo ngemilingo yabo bazama ukuveza omiyane, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Omiyane bahlasela abantu nezilwane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Nezanusi zenze njalo ngemilingo yazo ukuba ziveze omiyane, kepha zahluleka. Omiyane babe khona kubantu nasezinkomeni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Izanusi zenza njalo ngemilingo yazo ukuba ziveze omiyane, kepha azikwazanga; kwaba khona omiyane kubantu nasezilwaneni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 8:18
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ekuseni uFaro wakhathazeka emoyeni wakhe, wathumela ukuba kubizwe zonke izanusi, nazo zonke izihlakaniphi zaseGibhithe, wabatshela ngamaphupho akhe, kodwa akekho namunye owakwazi ukumchazela wona.


Abantu babengakwazi ukubonana, akekho owakwazi ukusuka endaweni yakhe izinsuku ezintathu, kodwa kubo bonke abantu bakwa-Israyeli kwakunokukhanya lapho babehlala khona.


UFaro wayesebiza amadoda ahlakaniphileyo, abalumbi, nosomlingo baseGibhithe, nabo benza okufanayo ngemilingo yabo.


Ngamunye baphonsa phansi izinduku zabo; zaphenduka izinyoka, kodwa induku ka-Aroni yazigwinya izinduku zabo.


Kepha nosomlingo benza kanjalo ngemilingo yabo, bakhuphulela amasele eGibhithe.


Osomlingo abakwazanga ukuma phambi kukaFaro ngenxa yamathumba, ngoba nabo babehlaselwe ngamathumba nabo bonke abaseGibhithe.


Pho baphi manje abahlakaniphileyo bakini na? Mabakutshele, bakwazise okucetshwa nguSimakade Wamabandla ngeGibhithe.


Kwase kufika izanusi, abathwebulayo, amaKhaledi, nabahlola imihlola, ngabatshela iphupho, kodwa bahluleka ukungichazela lona.


Base bengena bonke abahlakaniphileyo benkosi, kepha behluleka ukuwufunda umbhalo nokuyazisa inkosi ngencazelo yawo.


Kepha wathi kubo: “Ngabona uSathane ewa ezulwini njengonyazi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka