Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 8:15 - IsiZulu 2020

15 Kepha lapho uFaro ebona ukuthi uthole ikhefu, wayenza lukhuni inhliziyo yakhe, akaze abalalela njengalokhu ayeshilo uSimakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Esebona uFaro ukuthi kuyiphefu, wayenza lukhuni inhliziyo yakhe, kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Kodwa uFaro esebonile ukuthi sekuphuzile, wayenza lukhuni inhliziyo yakhe, kabalalelanga; njengokutsho kweNkosi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 8:15
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Yabikelwa inkosi yaseGibhithe ukuthi abantu babalekile. UFaro nezinceku zakhe baguqula umqondo mayelana nabantu, bathi: “Yini le esiyenzileyo ukuba sikhulule abakwa-Israyeli bangabe besasisebenzela na?”


USimakade wathi kuMose: “Lapho usubuyele eGibhithe, qikelela ukuthi uzenze zonke izimangaliso phambi kukaFaro engakunika amandla okuba uzenze, kodwa ngiyoyenza lukhuni inhliziyo yakhe, ukuze angabavumeli abantu ukuba bahambe.


Uma uFaro engakulaleli, Mina ngizolishaya iGibhithe ngezenzo ezinkulu zokwehlulela, ngikhiphe abantu bami, u-Israyeli, ngamaviyo abo, eGibhithe.


Bawaqoqa bawabeka izinqwaba ngezinqwaba. Izwe lanuka.


USimakade wathi kuMose: “Yisho ku-Aroni uthi: ‘Yelula induku yakho ushaye uthuli lomhlabathi, ukuze luphenduke omiyane eGibhithe.’ ”


UFaro wathi: “Ngizonivumela nihambe niyokwethula umhlatshelo kuSimakade uNkulunkulu wenu ehlane, kuphela nje uma ningezukuya kude. Ningikhulekele nami.”


UMose wathi: “Uma ngisuka lapha kuwe, ngizokhuleka kuSimakade ukuba kusasa azisuse izinkumbi zezibawu kuFaro, nasezincekwini zakhe, nakubantu bakhe. Kodwa-ke uFaro makangaphinde akhohlise ngokuthi uzakubavumela abantu bahambe ukuyokwenzela uSimakade umhlatshelo.”


Kepha uFaro wayenza lukhuni inhliziyo yakhe nangalesi sikhathi, akaze avuma ukuba abantu bahambe.


UFaro wabiza uMose no-Aroni, wathi kubo: “Khulekani kuSimakade ukuze asuse amasele kimi nakubantu bami, ngizobadedela abantu bayokwenzela uSimakade umhlatshelo.”


Njengenja ebuyela ebuhlanzweni bayo, kanjalo isiwula siphinda ubuwula baso.


Umuntu othi esolwa abe nenkani, uyochotshozwa ngokuphazima kweso, akayukuhlengwa muntu.


Ngenxa yobubi obenziwa bungehlulelwa masinyane, izinhliziyo zabantu ngaphakathi zigcwele ukwenza okubi.


Uma omubi enzelwa umusa akakufundi ukulunga; ezweni lobuqotho wenza ukonakala, angabuboni ubukhosi bukaSimakade.


“Ngiyakwenzani ngawe Efrayimi na? Ngiyakwenzani ngawe Juda na? Uthando lwenu lunjengomlalamvubu ekuseni, nanjengamazolo asekuseni eshabalala.


Uma kuthiwa: “Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe, ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasekuhlubukeni.”


ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasekuhlubukeni ngosuku lokulingwa ehlane,


Abantu bashiswa ngukushisa okukhulu, kodwa balihlambalaza igama likaNkulunkulu onamandla phezu kwalezi zinhlupheko, futhi abaphendukanga ukuba bamnike udumo.


Izinkomazi zangena indlela, zabheka ngaseBhethi Shemeshi, zihamba endleleni, zihamba zibhonsa, aziphambukelanga ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo. Amakhosi amaFilisti azilandela aze afika emngceleni eBhethi Shemeshi.


Bathi: “Uma senizowuphindisela umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli, ningawuphindiseli ungenalutho. Kodwa ubuyiseleni nomnikelo wecala, khona niyophiliswa; sekuyokwazeka-ke ukuthi kungani isandla sakhe singasuswa kini.”


Nizenzeleni lukhuni izinhliziyo zenu, njengoba kwenza abaseGibhithe noFaro, abazenza lukhuni izinhliziyo zabo na? Lapho esebashaye kanzima, ababavumelanga yini ukuba bahambe na?


Bhekani, uma zenyuka nawo ngendlela esemngceleni waseBhethi Shemeshi, yazini ukuthi nguNkulunkulu ka-Israyeli osehlisele lobo bubi obukhulu. Uma kungenzeki kanjalo, kuyobe sehlelwe yingozi nje.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka