Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 7:3 - IsiZulu 2020

3 Kepha Mina ngizokuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro, ngiphindaphinde izibonakaliso nezimangaliso zami eGibhithe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Mina ngiyakuyenza inhliziyo kaFaro ibe lukhuni, ngandise izibonakaliso zami nezimangaliso zami ezweni laseGibithe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro, ngandise izibonakaliso zami nezimangaliso zami ezweni laseGibithe;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 7:3
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wenza izibonakaliso nezimangaliso ezinkulu phambi kukaFaro nezinceku zakhe, nabo bonke abantu baseGibhithe, ngoba wawazi ukuthi babaphathe ngonya olunjani abantu bakho. Wazakhela igama elisamile kuze kube namuhla.


Wathumela izibonakaliso nezimangaliso phakathi kwakho, Gibhithe, phezu kukaFaro nezinceku zakhe zonke.


Izimangaliso wazenza phambi koyisemkhulu eGibhithe, eZowani.


UMose no-Aroni bazenza zonke lezo zimangaliso phambi kukaFaro, kodwa uSimakade wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, akabavumelanga abantu bakwa-Israyeli ukuba baphume ezweni lakhe.


USimakade wathi kuMose: “UFaro ngeke akulalele ukuze izimangaliso zami ziphindaphindwe eGibhithe.”


“Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro, uyakubalandela, ukuze ngithole udumo ngoFaro nangempi yakhe yonke; abaseGibhithe bayakukwazi ukuthi nginguSimakade.” Benza kanjalo.


Ngiyakwelula isandla sami ngilishaye iGibhithe ngezimangaliso engiyakuzenza kulo; emveni kwalokho iyakunikhulula nihambe.


USimakade wathi kuMose: “Lapho usubuyele eGibhithe, qikelela ukuthi uzenze zonke izimangaliso phambi kukaFaro engakunika amandla okuba uzenze, kodwa ngiyoyenza lukhuni inhliziyo yakhe, ukuze angabavumeli abantu ukuba bahambe.


UMose no-Aroni bahamba baqoqa wonke amalunga abantu bakwa-Israyeli.


UNkulunkulu wathi kuye: “Siphindisele esifubeni isandla sakho.” Wasiphindisela esifubeni sakhe. Kuthe lapho esesikhipha, habe, sesibuyele esimweni saso, sesifana nesikhumba sakhe.


Inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, akabalalelanga, njengalokhu ayeshilo uSimakade.


Kodwa ngenxa yalokhu, ngikugcinile waphila ukuze ngikukhombise amandla ami, nokwenza igama lami laziwe emhlabeni wonke.


Inhliziyo yenkosi injengemifula yamanzi esandleni sikaSimakade, uyiphendula iye noma kuphi lapho ethanda khona.


Vuka, vuka, wembathe amandla, wena ngalo kaSimakade, vuka njengasezinsukwini zasendulo, ezizukulwaneni zasemandulo. Akuwena yini owamnquma kabili uRahabi, wagwaza udrago, na?


“Njengasemihleni yokuphuma kwakho eGibhithe ngiyakubabonisa izimangaliso.”


Ngakho-ke uJesu wathi enduneni: “Ngaphandle kokuba nina nibone izibonakaliso nezimangaliso, anisoze nakholwa.”


“Madoda akwa-Israyeli, lalelani lawa mazwi: uJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phambi kwenu ngemisebenzi yamandla, ngezimangaliso nangezibonakaliso uNkulunkulu azenza ngaye phambi kwenu, njengalokhu nani luqobo nazi,


Nguye lo owabakhipha eGibhithe enzile izimangaliso nezibonakaliso, nasoLwandle Olubomvu, nasehlane iminyaka engama-40.


ngamandla ezibonakaliso nezimangaliso, ngamandla kaMoya kaNkulunkulu, njengokuba ngasuka eJerusalema, ngazungeza izwe ngaze ngafika e-Ilirikhu, ngishumayela ivangeli likaKhristu ngokupheleleyo.


Ngakho-ke unesihawu kulowo athanda ukumhawukela, umenza lukhuni lowo athanda ukumenza lukhuni.


Ukhona yini unkulunkulu owake walinga ukuza azithathele isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, ngezibonakaliso, ngezimangaliso, ngempi, ngesandla esinamandla, ngengalo eyeluliweyo, nangengebhe enkulu njengakho konke uSimakade uNkulunkulu wenu anenzela khona eGibhithe, nizibonela ngawenu, na?


izilingo ezinkulu azibonayo amehlo akho, izibonakaliso, izimangaliso, isandla esinamandla nengalo eyeluliweyo, uSimakade uNkulunkulu wakho akukhipha ngakho. USimakade uNkulunkulu wakho uyokwenza kanjalo kuzo zonke izizwe ozesabayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka