Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 7:14 - IsiZulu 2020

14 USimakade wathi kuMose: “Inhliziyo kaFaro ilukhuni; uyenqaba ukuvumela abantu ukuba bahambe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 UJehova wayesethi kuMose: “Inhliziyo kaFaro ilukhuni: uyenqaba ukuba abantu bahambe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

14 INkosi yasisithi kuMozisi: Inhliziyo kaFaro ilukhuni, kavumi ukuthi abantu basuke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 7:14
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

USimakade wayesethi kuMose: “Hamba uye kuFaro, ngokuba ngiyenze yaba lukhuni inhliziyo yakhe neyezinceku zakhe, ukuze ngikhombise lezo zibonakaliso zami kubo.


Kepha uSimakade wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, akabavumelanga abantu bakwa-Israyeli ukuba bahambe.


Kepha uSimakade wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, akavumanga ukubadedela ukuba bahambe.


Uma wenqaba ukuvumela abantu bami ukuba bahambe, kusasa ngizothumela isikhonyane ezweni lakho.


Ngiyazi ukuthi inkosi yaseGibhithe ayiyukunivumela ukuba nihambe, ngaphandle kokuba ngiyicindezele ngesandla esinamandla.


ngathi kuwe: yivumele indodana yami ihambe ukuze ingikhonze, kepha wenqaba ukuyidedela ihambe, uyabona-ke, ngizoyibulala indodana yakho, izibulo lakho.” ’ ”


Inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, akabalalelanga, njengalokhu ayeshilo uSimakade.


Hamba uye kuFaro ekuseni, uyaphuma njengamanje uya emfuleni. Uyokuma umlinde ngasosebeni lomfula. Phatha ngesandla induku leyo eyaphenduka inyoka.


Uzakuwasusa amasele ezindlini zakho, nezezinceku zakho, nezabantu bakho, azosala kuphela emfuleni.”


Kepha lapho uFaro ebona ukuthi uthole ikhefu, wayenza lukhuni inhliziyo yakhe, akaze abalalela njengalokhu ayeshilo uSimakade.


Uma ubenqabela ukuba bahambe, ngizolishaya lonke iGibhithe ngamasele.


Ngokuba uma wenqaba ukubavumela ukuba bahambe, ulokhu ubabambile,


UFaro wabona ukuthi imvula, ukuduma nesichotho sekunqamukile, wabuye wona futhi, wayenza lukhuni inhliziyo yakhe, yena nezikhulu zakhe.


UFaro wathumela, kodwa wathola ukuthi akukho nasinye isilwane emfuyweni yabakwa-Israyeli esasifile. Kepha inhliziyo kaFaro yayilukhuni, akabavumelanga abantu ukuba bahambe.


Kodwa uma nenqaba, futhi nihlubuka, niyodliwa yinkemba,” ngokuba umlomo kaSimakade ukhulumile.


Pho kungani laba bantu baseJerusalema bephendukile, bahlubuka njalonjalo na? Babambelela enkohlisweni, benqaba ukubuya.


Bahlala phakathi kwenkohliso; ngenkohliso bayenqaba ukungazi Mina,” kusho uSimakade.


Benza izinhliziyo zabo zaba lukhuni njengetshe, ukuba bangawuzwa umthetho namazwi uSimakade Wamabandla akuthumele ngoMoya wakhe ngesandla sabaphrofethi bakuqala; ngalokho uSimakade Wamabandla wathukuthela kakhulu.


Kodwa uSihoni, inkosi yaseHeshibhoni, akasivumelanga ukuba sidabule ezweni lakhe, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho wawenza lukhuni umoya wakhe, wamenza waba nenkani enhliziyweni yakhe, ukuze amnikele esandleni sakho njenganamuhla.


Qaphelani ukuba ningamchithi okhulumayo; ngokuba labo abamchithayo lowo owayebaxwayisa emhlabeni, abazange baphunyuke, kakhulu kangakanani-ke thina esimfulathelayo oxwayisa esezulwini ukuba singaphunyuka na?


Nizenzeleni lukhuni izinhliziyo zenu, njengoba kwenza abaseGibhithe noFaro, abazenza lukhuni izinhliziyo zabo na? Lapho esebashaye kanzima, ababavumelanga yini ukuba bahambe na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka