Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 4:13 - IsiZulu 2020

13 Kepha wathi: “Nkosi, ngixolele, ngiyakucela ukuba uthumele omunye.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Kepha wathi: “O Nkosi, ake uthume ngesandla salowo ozakumthuma.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Wathi: “Nkosi yami, thuma ngesandla salowo omthumayo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 4:13
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

USimakade uNkulunkulu wezulu owangikhipha endlini kababa nakwelakithi lengabade, wakhuluma kimi, wangethembisa ngesifungo, wathi: ‘Leli lizwe ngiyolinika isizukulwane sakho.’ Uyothumela ingelosi yakhe ikuhole, okwakho ukuyotholela indodana yami umfazi lapho.


Mabaqokelele konke ukudla kule minyaka emihle yenala, bakugcine ezinqolobaneni phansi kwesandla sikaFaro, bakulondoloze emizini.


Ingelosi engihlenge ezingozini zonke, makabusise laba bafana, ukuze ngabo igama lami nelokhokho bami o-Abhrahama no-Isaka lichume njalo. Sengathi banganda babe baningi emhlabeni.”


Yena wahamba uhambo losuku ehlane, waze wayohlala phansi kwesihlahla sonwele. Enhliziyweni yakhe wafisa ukufa, wathi: “Sekwanele manje, Simakade! Sale usuwuthatha umphefumulo wami, ngokuba angilungile kunokhokho bami.”


“Bheka, ngizothumela ingelosi ikwandulele ukuze ikuvikele ohambeni, futhi ikufinyelelise endaweni engiyilungisileyo.


UMose waphendula wathi: “Kepha bheka, ngeke bangikholwe noma bangilalele, bayakuthi: ‘USimakade akabonakalanga kuwe.’ ”


Ngalokho-ke hamba, ngizokuba semlonyeni wakho, ngikufundise ozokusho.”


Intukuthelo kaSimakade yamvuthela uMose, wathi: “Akekho yini umfowenu u-Aroni ongumLevi na? Ngiyazi ukuthi uliciko lokukhuluma; bheka, uyeza uzokuhlangabeza, lapho ekubona uyothokoza enhliziyweni yakhe.


Kepha ngathi: “Awu, Nkosi Simakade! Mina angikwazi ukukhuluma, ngokuba ngisengumfanyana nje.”


Lapho ngithi: “Angisayukumkhumbula, angisayukukhuluma egameni lakhe,” izwi lakhe linjengomlilo ovuthayo enhliziyweni yami, ovalelwe emathanjeni ami; ngikhathele ukulibamba, angikwazi.


Kodwa uJona wasuka, wabaleka phambi kukaSimakade, walibhekisa eTharishishi. Wehlela eJopha, wathola umkhumbi owawuya eTharishishi. Eseyikhokhile imali, wagibela kuwo elibhekise eTharishishi, ukuba suke phambi kukaSimakade.


Umkhuzi wamatilosi weza kuJona, wathi: “Ungalala kanjani uhuqe ubuthongo kunje? Vuka ubize owakho uNkulunkulu, mhlawumbe angasizwa, singashabalali.”


INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo nabenza okubi,


UJesu waphendula, wathi kubo: “Umsebenzi kaNkulunkulu yilowo wokuba nikholwe nguye amthumileyo.”


Ingelosi kaSimakade yakhuphuka eGiligali, yaya eBhokhimi, yathi: “Nganikhipha eGibhithe, nganiletha ezweni engalethembisa okhokho benu, ngathi: ‘Angisoze ngasephula isivumelwano sami nani kuze kube phakade.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka