Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 34:12 - IsiZulu 2020

12 Qikelela ukuba ungenzi isivumelwano nabantu bezwe oya kulo, funa babe lugibe kuwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Xwaya ukuba ungasenzi isivumelwano nabakhileyo ezweni oya kulo, funa babe lugibe kuwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ziqaphele, funa ungenzi isivumelwano nabakhileyo ezweni oya kulo, kungabi lugibe phakathi kwakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 34:12
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Babevela ezizweni ayeshilo ngazo uSimakade kubantu bakwa-Israyeli, wathi: “Ningahambi phakathi kwabo, nabo bangahambi phakathi kwenu, ngokuba bayakuziphambukisa impela izinhliziyo zenu, bese zilandela onkulunkulu babo.” Kepha uSolomoni wanamathela kubo, wabathanda.


Bazigxumekela izinsika zo-Ashera emagqumeni wonke aphakemeyo, naphansi kwazo zonke izihlahla eziluhlaza.


Bayishiya indlu kaSimakade uNkulunkulu wokhokho babo, bakhonza o-Ashera nezithombe; intukuthelo kaSimakade yehlela uJuda neJerusalema ngenxa yalokho.


Bakhonza izithombe ezibaziweyo zabezizwe, ezaphenduka zaba wugibe kubo.


niyakuxosha bonke abakhileyo ezweni phambi kwenu, nibhubhise yonke imifanekiso yabo, nibulale zonke izithombe zabo ezibunjiweyo, nibhidlize zonke izindawo zabo eziphakemeyo.


ukuze banganifundisi ukwenza zonke izinengiso zabo abazenzele onkulunkulu babo, bese nona kuSimakade uNkulunkulu wenu.


USimakade uyozinikela kini, nenze kuzo ngokwemiyalo yonke enginiyale ngayo.


Uyakuziqeda nya zonke izizwe uSimakade uNkulunkulu wakho ayakuzinikela kuwe; iso lakho aliyukuzihawukela, awuyukubakhonza onkulunkulu bazo, ngokuba lokho kuyakuba lugibe kuwe.


nalapho uSimakade uNkulunkulu wakho ezinikela phambi kwakho ukuba uzinqobe, uyozibhubhisa uziqede nya, awuyukwenza isivumelwano nazo, ungabi namusa kuzo.


Kepha abakwa-Israyeli bathi kumaHivi: “Mhlawumbe nje nihlala phakathi kwethu; singasenza kanjani-ke isivumelwano nani, na?”


ngathi kini: “NginguSimakade uNkulunkulu wenu, aniyukukhonza onkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo,” kodwa anilalelanga izwi lami.’ ”


UGideyoni wenza ingubo yamahlombe, wayibeka emzini wakhe e-Ofira, bonke abakwa-Israyeli baphinga nayo lapho, yaba wugibe kuGideyoni nabomndeni wakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka