Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 34:10 - IsiZulu 2020

10 Wathi kuMose: “Bheka, ngenza isivumelwano phambi kwabo bonke abantu bakho. Ngiyokwenza izimangaliso phambi kwabo bonke abantu bakho, ezingakaze zenziwe emhlabeni wonke, naphakathi kwezizwe zonke. Bonke abantu enihlala phakathi kwabo bayokuwubona umsebenzi kaSimakade, ngokuba kuyinto eyesabekayo lokhu engizokwenza ngawe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Wayesethi: “Bheka, ngiyenza isivumelwano; phambi kwabantu bonke bakho ngiyakuzenza izimangaliso ezingazange zenziwe emhlabeni wonke nakusiphi isizwe; bonke abantu okhona phakathi kwabo bayakuwubona umsebenzi kaJehova, ngokuba kuyesabeka lokhu engikwenza kuwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Wathi: “Bheka, ngenza isivumelwano: phambi kwabantu bonke bakho ngiyakwenza izimangaliso ezingazange zenziwe emhlabeni wonke nakusiphi isizwe; zonke izizwe onazo ziyakwenza umsebenzi kaJehova, ngokuba kuyinto embi engizoyenza kuwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 34:10
28 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Yisiphi isizwe esisodwa nje emhlabeni esinjengabantu bakho, u-Israyeli, uNkulunkulu ayakuzihlengela sona ukuba sibe ngabantu bakhe, azenzele igama, anenzele nina izinto ezinkulu, alenzele izwe lakini izinto ezesabekayo phambi kwabantu bakho, owazihlengela bona eGibhithe ezizweni nakonkulunkulu bazo na?


izimangaliso ezweni lika-Hamu, nokwesabekayo ngasoLwandle Lomhlanga.


yona yodwa eyenza izimangaliso ezinkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


Abantu bayakukhuluma ngamandla ezenzo zakho ezesabekayo, ubukhulu bakho ngiyakubumemezela.


Asikho isizwe ake wenza kanjalo kuso, azizazi izehlulelo zakhe. Haleluya!


Uyakusiphendula ngezenzo ezesabekayo ekulungeni, Nkulunkulu wensindiso yethu. Wena uyithemba lemikhawulo yonke yomhlaba nelolwandle olukude,


Yishoni kuNkulunkulu, nithi: “Yeka ubukhulu bemisebenzi yakho! Ngenxa yobukhulu bamandla akho, izitha zakho ziyothoba phansi kwakho.


Wozani nibone ukuthi uNkulunkulu wenzeni, akwenzayo kuyesabeka phakathi kwabantu.


Nkulunkulu, uyesabeka ezindaweni zakho ezingcwele, uNkulunkulu ka-Israyeli abantu bakhe ubapha amandla nezikhwepha. Makadunyiswe uNkulunkulu.


Makabongwe uSimakade uNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli, okunguYena kuphela owenza izimangaliso.


Unquma umoya wezikhulu, uyesabeka emakhosini omhlaba.


Wena unguNkulunkulu owenza izimangaliso, amandla akho uwazisile ezizweni.


Izimangaliso wazenza phambi koyisemkhulu eGibhithe, eZowani.


USimakade wathi kuMose: “Zibhalele lawa mazwi, ngokuba ngalawa mazwi ngenzile isivumelwano nawe no-Israyeli.”


Wahlala lapho noSimakade izinsuku ezingama-40, nobusuku obungama-40, akadlanga lutho, futhi akaphuzanga manzi. Wabhala ezibhebheni amazwi esivumelwano, imiyalelo elishumi.


Lapho wenza izinto ezimangalisayo esasingazilindele, wehla; izintaba zathuthumela phambi kwakho.


Wabakhipha abantu bakho u-Israyeli, eGibhithe, ngezibonakaliso nangezimangaliso, ngesandla esinamandla, ngezikhwepha, nangokwesabeka okukhulu.


“Njengasemihleni yokuphuma kwakho eGibhithe ngiyakubabonisa izimangaliso.”


Uludumo lwakho, unguNkulunkulu wakho okwenzele lezi zinto ezinkulu nezesabekayo ozibonile ngamehlo akho.


Oyedwa angayixosha kanjani inkulungwane, ababili bahubhe izinkulungwane ezilishumi, uma idwala labo belingathengisanga ngabo, uSimakade ebengabanikelanga, na?


Wamemezela kini isivumelwano sakhe aniyala ngaso ukuba nisigcine, imiyalelo elishumi ayiloba ezibhebheni ezimbili zamatshe.


Nakuba ngangilwesaba ulaka nentukuthelo uSimakade ayenithukuthelele ngakho ukuba anibhubhise, nokho uSimakade wangizwa futhi nangaleso sikhathi.


Abantu bamemeza kakhulu, kwakhala amacilongo. Kwathi ukuba abantu bezwe ukukhala kwamacilongo, bamemeza kakhulu, lwawa udonga, ngakho-ke abantu bawuthelekela, bawudla umuzi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka