Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 33:2 - IsiZulu 2020

2 Ngizothuma ingelosi phambi kwakho, ngiwaxoshe amaKhanani, ama-Amori, amaHithi, amaPherizi, amaHivi, namaJebusi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ngiyakuthuma ingelosi phambi kwakho, ngiwaxoshe amaKhanani, nama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngiyakuthuma ingelosi phambi kwakho; futhi ngiyowaxosha amaKhanani, nama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 33:2
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

lama-Amori, lamaKhanani, lamaGirigashi, nelamaJebusi.”


USimakade uNkulunkulu wezulu owangikhipha endlini kababa nakwelakithi lengabade, wakhuluma kimi, wangethembisa ngesifungo, wathi: ‘Leli lizwe ngiyolinika isizukulwane sakho.’ Uyothumela ingelosi yakhe ikuhole, okwakho ukuyotholela indodana yami umfazi lapho.


amaJebusi, ama-Amori, amaGirigashi,


“Bheka, ngizothumela ingelosi ikwandulele ukuze ikuvikele ohambeni, futhi ikufinyelelise endaweni engiyilungisileyo.


ngathi ngizonikhuphula ekuhlushweni ngabaseGibhithe, nginiyise ezweni lamaKhanani, lamaHithi, lama-Amori, lamaPherizi, lamaHivi, nelamaJebusi, izwe elichichima ubisi noju.” ’


Ngehlile ukuzobakhulula esandleni sabaseGibhithe, nokubakhuphula kuleli lizwe, ngibayise ezweni elihle nelibanzi, izwe elichichima ubisi noju, izwe lamaKhanani, amaHithi, ama-Amori, amaPherizi, amaHivi, namaJebusi.


Hamba manje, uhole abantu ubayise endaweni engakhuluma ngayo kuwe. Uyabona-ke, ingelosi yami izohamba phambi kwakho, kodwa lapho lufika usuku lokubajezisa, ngiyobajezisa ngenxa yesono sabo.”


UMose wathi kuSimakade: “Bheka, uthe kimi: ‘Khuphula laba bantu,’ kodwa awungitshelanga ukuthi ngubani oyakumthuma nami. Uthe: ‘Ngiyakwazi ngegama, futhi ufumene umusa emehlweni ami.’


Qaphela lokhu engikuyala ngakho namuhla. Uyabona-ke, ngizowaxosha phambi kwakho ama-Amori, amaKhanani, amaHithi, amaPherizi, amaHivi namaJebusi.


Ngokuba ngiyozixosha izizwe phambi kwakho, ngandise imingcele yakho, akukho muntu oyonxanela izwe lakho lapho ukhuphuka ukuyobonakala kathathu ngonyaka phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho.


Ngalolo lusuku uSimakade uyakubavikela abakhileyo eJerusalema; okhubekayo kubo ngalolo lusuku uyakuba njengoDavide, indlu kaDavide ibe njengoNkulunkulu, ifane nengelosi kaSimakade phambi kwabo.


USimakade uNkulunkulu wakho uyozixosha lezi zizwe phambi kwakho kancane kancane; awuyukwazi ukuziqeda masinyane, funa izilwane zasendle zande zibe ziningi kunani.


“ ‘Lapho niwela iJordani, nafika eJerikho; izakhamuzi zalo zalwa nani, kanjalo nama-Amori, amaPherizi, amaKhanani, amaHithi, amaGirigashi, amaHivi, namaJebusi, ngabanikela esandleni senu.


UJoshuwa wayesethi: “Niyokwazi ngalokhu ukuthi uNkulunkulu ophilayo uphakathi kwenu, ongayikwehluleka ukuxosha phambi kwenu amaKhanani, amaHithi, amaHivi, amaPherizi, amaGirigashi, ama-Amori, namaJebusi.


nganikhulula esandleni sabaseGibhithe, nasesandleni sabo bonke ababenicindezela, ngabaxosha phambi kwenu, nganinika izwe labo;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka