Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 30:8 - IsiZulu 2020

8 Nalapho u-Aroni esokhela izibani kusihlwa, uyakuyishisa impepho. Impepho iyoshiswa njalo phambi kukaSimakade, izizukulwane ngezizukulwane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Nalapho u-Aroni ezibeka izibani ngakusihlwa, woyishisa ibe yimpepho ephakade phambi kukaJehova ezizukulwaneni zenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Lapho u-Aroni ebeka izibani kusihlwa, uyakushisa impepho phezu kwazo, ibe yimpepho phambi kukaJehova kuze kube phakade ezizukulwaneni zenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 30:8
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bamelana nenkosi u-Uziya, bathi kuyo: “Awufanele ngokwakho, Uziya, ukushisela uSimakade impepho; lokho kungokwabaphristi, abangamadodana ka-Aroni, abangcweliselwe ukushisa impepho. Phuma endaweni engcwele, ngokuba wenze okubi; awuyukufumana ludumo oluvela kuSimakade uNkulunkulu.”


Umkhuleko wami mawufane nempepho phambi kwakho, nokuphakanyiswa kwezandla zami, njengomnikelo wakusihlwa.


Niyoligcina kuze kube lusuku lweshumi nane lwayo le nyanga, bese kuthi wonke umphakathi wakwa-Israyeli uhlabe amawundlu phakathi kwamabili.


“Uyokwenza izibani eziyisikhombisa uzibeke othini, zikhanyise phambi kwalo.


Ethendeni lokuhlangana, ngaphandle kwesihenqo esiphambi kwesivumelwano, u-Aroni namadodana akhe bayakuzinakekela phambi kukaSimakade, kusukela kusihlwa kuze kube sekuseni. Lokho kuyakuba yisimiso saphakade esiyakuhlonishwa ngabantu bakwa-Israyeli, izizukulwane ngezizukulwane.


“U-Aroni uyoshisa impepho enuka kamnandi njalo ekuseni, uyokuyishisa njalo ekuseni lapho elungisa izibani.


Aniyukunikela kulo ngempepho engengcwele, noma ngomnikelo wokushiswa, nangowokusanhlamvu, futhi aniyukuthela kulo umnikelo wokuphuzwayo.


Kanti ngubani ozakulahla ngecala na? NguKhristu uJesu owafayo, yebo owavuswa kwabafileyo, ongakwesokunene sikaNkulunkulu, nguYena osinxuselayo.


Ngakho-ke unamandla okusindisa ngokupheleleyo laba abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephila ukuba abamele njalo.


Ngokuba uKhristu kangenanga endaweni engcwele eyenziwe ngezandla, engumfanekiso waleyo okuyiyo ngempela, kepha wangena ezulwini uqobo ukuba manje abonakale ebusweni bukaNkulunkulu ngenxa yethu,


Ngamkhetha kuzo zonke izizwana zakwa-Israyeli ukuba abe ngumphristi wami, anikele e-althare lami, ashise impepho kulo, embathe ingubo yamahlombe phambi kwami, ngayinika indlu kayihlo yonke iminikelo yomlilo yabantu bakwa-Israyeli.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka