Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 28:3 - IsiZulu 2020

3 Uyakukhuluma kubo bonke abanekhono, engibaphile ikhono ukuba bathungele u-Aroni izingubo ukuze ahlukaniswe abe ngumphristi wami, angikhonze.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Wokhuluma kubo bonke abahlakaniphile ngenhliziyo engibagcwalisile ngomoya wokuhlakanipha ukuba bazenze izambatho zika-Aroni zokumngcwelisa, ukuze angikhonze esikhundleni sobupristi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ukhulume nabo bonke abahlakaniphile ngenhliziyo, engibagcwalisile ngomoya wokuhlakanipha, ukuba benze izingubo zika-Aroni zokumngcwelisa, ukuze angikhonze njengobupristi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 28:3
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wayeyindodana yomfelokazi wesizwana sakwaNafethali, uyise engowaseThire, indoda eyayisebenza ithusi, ihlakaniphile, inokuqonda, futhi inobungcweti bokwenza noma yimuphi umsebenzi wethusi. UHiramu wafika enkosini uSolomoni, wayenzela wonke umsebenzi wayo.


“Bonke abanekhono phakathi kwenu bayokuza bezokwenza konke uSimakade ayale ukuba kwenziwe:


Bonke abesifazane ababenekhono, baphotha ngezandla zabo, base beletha lokho ababekuphothile okuluhlaza okwesibhakabhaka, okubukhwebezane, okubomvu, nelineni elicolekileyo.


UMose wathi kubantu bakwa-Israyeli: “Bhekani, uSimakade umbize ngegama uBhezaleli indodana ka-Uri, kaHuri, wesizwe sakwaJuda.


Umgcwalise ngoMoya kaNkulunkulu, wamupha ikhono, ukuqonda, ulwazi lwanoma yiluphi uhlobo lomsebenzi wezandla,


Ubagcwalise ngokuhlakanipha ukuba benze yonke imisebenzi eyenziwa ngumqophi, ingcweti, nomfekethisi, ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwezane, ngokubomvu, nangelineni elicolekileyo, nemisebenzi yomaluki, eyalabo abenza noma yimuphi umsebenzi, nabenza imisebenzi yobungcweti.


“UBhezaleli no-Oholiyabhe bayosebenza nabo bonke abanekhono, uSimakade abeke kubo ukuhlakanipha, ukuqonda nokwazi ukwenza wonke umsebenzi wokwakha indawo engcwele, ngendlela uSimakade ayale ngayo.”


UMose wabiza uBhezaleli, u-Oholiyabhe nabo bonke abanekhono, uSimakade ayebaphe ukuhlakanipha, bonke ababenhliziyo zifisa ukuba bazokwenza lo msebenzi.


Ngokuba uSimakade uyokupha ukuhlakanipha, emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.


UMoya kaSimakade uyohlala phezu kwakhe, umoya wokuhlakanipha nowokuqonda, umoya wamasu nowamandla, umoya wokwazi nowokumesaba uSimakade.


ukuba uNkulunkulu weNkosi yethu uJesu Khristu, uYise wenkazimulo, aniphe umoya wokuhlakanipha nokwambulelwa, ukuze nimazi kangcono Yena,


UJoshuwa, indodana kaNuni, wayegcwele umoya nokuhlakanipha, ngokuba uMose wayebeke izandla kuye; abantu bakwa-Israyeli bamlalela, benza njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla ziphuma kuYise wokukhanya, okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka