Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 23:1 - IsiZulu 2020

1 “Awuyukusabalalisa umbiko ongamanga, awuyukubambisana nababi ukwethula ubufakazi obungamanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Awuyikuthutha indaba yamanga, ungafaki isandla sakho kubo ababi, ube ngufakazi wamanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ungasakazi amahemuhemu; ungahlanganisi izandla nomubi ukuba ube ngufakazi ongalungile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 23:1
40 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wamtshela le ndaba, wathi: “Le nceku yomHebheru owasilethela yona, ize kimi ifuna ukulala nami;


Inkosi yayisithi: “Iphi indodana yenkosi yakho?” UZiba wathi enkosini: “Ihleli eJerusalema ngokuba yathi: ‘Namuhla indlu ka-Israyeli izowubuyisela kimi umbuso kababa.’ ”


“Iyihlebile inceku yakho enkosini yami, inkosi, kepha inkosi yami, inkosi, ifana nesithunywa sikaNkulunkulu, ngakho-ke yenza okuhle emehlweni akho.


Ohleba umakhelwane wakhe esithe ngiyombhubhisa, angiyukumbekezelela ozikhukhumezayo.


Uyoklonyeliswa ngani, uyokwenezelelwani wena lulimi lwenkohliso na?


ongahlebi ngolimi lwakhe, ongenzi okubi kumngani wakhe, nongamhleki usulu umakhelwane wakhe;


Uze unganginikeli kokufiswa yizitha zami ngami, ngokuba ofakazi bamanga bangivukele, babhodla umlilo.


Ofakazi abaningi abayizidlova bangivukele, bangibuza ngezinto engingazaziyo.


Ungafakazi ngamanga ngomakhelwane wakho.


Ziqhelelanise nokwethwesa omunye icala lamanga, ungambulali ongenacala noma labo abaseqinisweni, ngokuba angiyukumkhulula onecala.


Ofihla inzondo unezindebe zamanga; odalula umbiko omubi uyisiwula.


Okhuluma ukwethembeka umemezela ukulunga, kepha ufakazi wamanga ukhuluma inkohliso.


Ufakazi weqiniso akawaqambi amanga, kodwa ufakazi wamanga uphafuza inkohliso.


Owenza okubi uqaphela izindebe zenkohlakalo, nomqambimanga ubeka indlebe olimini olubi.


Ofakaza okuyize wedelela umthetho; umlomo wezikhohlakali ugwinya inkohlakalo.


Ufakazi wamanga akayukuyekwa angajeziswa, nophafuza amanga akayukuphunyuka.


Ufakazi wamanga akayukuyekwa angajeziswa, nophafuza amanga uyobhubha.


Ufakazi wamanga uyakubhujiswa, kepha umuntu olalelayo angakhuluma njalo.


Ungabi ngufakazi omelana nomakhelwane wakho kungenasizathu; uyakukhohlisa ngezindebe zakho na?


Umuntu ofakaza amanga ngomakhelwane wakhe, ufana nesando, nenkemba, nomcibisholo obukhali.


Umoya wasenyakatho uletha imvula, nolimi oluhlebayo ludala ubuso obuthukuthele.


ufakazi ofakaza amanga ophafuza inkohliso, odala ingxabano kubafowabo.


Ngizwile ukuhleba kwabaningi, bethi: “Luvalo nxazonke. Mmangalele! Masimmangalele!” Bonke abangani bami sebelinde ukuwa kwami. “Mhlawumbe uyakuyengeka, simehlule, siziphindisele kuye.”


“ ‘Aniyukweba, aniyukuphathana ngobuqili, aniyukuqambelana amanga.


“ ‘Awuyukuhamba unyevuza phakathi kwabantu bakini. Awuyukufuna nzuzo ngegazi likamakhelwane wakho; nginguSimakade.


Wathi kuye: “Miphi na?” UJesu wathi kuye: “Yile: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga;


Kepha uZakewu wasukuma, wathi eNkosini: “Nkosi, ngipha abampofu ingxenye yempahla yami; kuthi uma ngimqolile umuntu okuthile, ngikubuyisele kuye sekuphindwe kane.”


Namabutho ambuza athi: “Thina-ke kumele senzenjani na?” Wathi kuwo: “Kumele ningephuci muntu utho ngendluzula, futhi ningamxabheleli, kodwa yeneliswani yilokho enikukhokhelwayo.”


“Konje umthetho wakithi uyamlahla yini umuntu ngecala ungakamuzwa eziphendulela kuqala, bese wazi-ke ukuthi wenzeni na?”


Kungani kungashiwo njengokuba abanye bekhuluma kabi ngathi, bethi: masenze okubi, ukuze kuvele okuhle na? Ukwehlulelwa kwabo kubafanele.


Ngakho-ke hlukanani namanga, nikhulume iqiniso, kube yilowo nalowo nomakhelwane wakhe, ngokuba singamalungu omunye elomunye.


“ ‘Ungafakazi ngamanga ngomakhelwane wakho.


abangenalo uthando, abangavumi ukubuyisana, abahlebayo, abangenakuzithiba, abayizidlwangudlwangu, abazonda okuhle,


Kepha kube ngobumnene nangokwesaba, ninonembeza omsulwa, ukuze kuthi kulokho abaninyembenya ngakho, bajabhiswe laba abahlambalaza ukuhamba kwenu okuhle kuKhristu.


Ngase ngizwa izwi elikhulu livela ezulwini lithi: “Manje isifikile insindiso, namandla, nobukhosi bukaNkulunkulu wethu, negunya likaKhristu wakhe, ngokuba usephonswe phansi ummangaleli wabazalwane bethu, obamangalela phambi kukaNkulunkulu imini nobusuku.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka