Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 2:6 - IsiZulu 2020

6 Kwathi lapho iwuvula yabona; bheka, kwakungumfana; wayekhala. Yamhawukela, yayisithi: “Lona ngomunye wezingane zamaHebheru.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Yalivula, yabona umntwana; bheka, kwakungumfana; wakhala. Yamhawukela, yathi: “Lona ungowabantwana bamaHeberu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Eseyivula, wabona umntwana, bheka, umntwana wayekhala. Wamhawukela kakhulu, wathi: “Lo ungomunye wabantwana bamaHeberu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 2:6
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

uthethelele abantu bakho abonile kuwe, nazo zonke iziphambeko zabo abaphambuke kuwe ngazo, ubenzele ukuba bathole isihe phambi kwababathumbileyo, babaphathe ngesihe,


Nkosi, ake ubeke indlebe yakho emthandazweni wenceku yakho nasemithandazweni yezinceku zakho ezikuthokozelayo ukudumisa iGama lakho. Iphumelelise inceku yakho namuhla, uyiphe umusa phambi kwalo muntu.” Ngaleso sikhathi ngangingumphathindebe wenkosi.


Wenza ukuthi bonke ababebathumbile babazwele.


UFaro wayeseyala bonke abantu bakhe wathi: “Bonke abafana abazozalwa ngamaHebheru kufanele baphonswe emfuleni, kodwa amantombazane niwayeke aphile.”


Kwase kwehla indodakazi kaFaro iyogeza emfuleni, abaphelezeli bayo bagudla osebeni lomfula; yayisibona ubhasikidi emhlangeni, yayisithumela umsizi wayo ukuyowulanda.


Udadewabo wathi endodakazini kaFaro: “Ngihambe yini ngiyokulandela umzanyana kwabesifazane bamaHebheru ukuba akuncelisele yona na?”


Inhliziyo yenkosi injengemifula yamanzi esandleni sikaSimakade, uyiphendula iye noma kuphi lapho ethanda khona.


Isimemezelo sokuba yilowo nalowo akhulule isigqila sakhe, nesigqilakazi sakhe, umHebheru nomHebherukazi, ukuze kungabi bikho muntu ogqilaza umfowabo kwaJuda.


Eselahliwe, watholwa yindodakazi kaFaro, yazikhulisela yena, waba yindodana yayo.


Okokugcina yibani nhliziyonye nonke, nizwelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka