Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 17:6 - IsiZulu 2020

6 Ngizobe ngimi phambi kwakho laphaya edwaleni eHorebhe. Uyakulishaya idwala kuphume amanzi kulo, ukuze abantu baphuze.” UMose wenza kanjalo ebuka amalunga akwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Bheka, ngiyakuma phambi kwakho edwaleni laseHorebe; uzakushaya itshe, kuphume amanzi kulo, abantu baphuze.” Wenze njalo uMose emehlweni amalunga akwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Bheka, ngiyakuma lapho phambi kwakho edwaleni laseHorebe; uyakushaya idwala, kuphume amanzi kulo, abantu baphuze. Wenze njalo uMose emehlweni amalunga akwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 17:6
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lapho belambile, wabanika isinkwa esivela ezulwini, waqhumisa isiphethu edwaleni, ukuze baqede ukoma. Wabatshela ukuba bangene ezweni owawubethembise lona ngesifungo, ukuthi uyobanika lona.”


Wavula idwala, kwampompoza amanzi, agobhoza ogwadule kwangathi ngumfula.


Yena ophendula idwala libe yichibi lamanzi, insengetsha, ibe ngumthombo wamanzi.


Ukhona umfula omanzi awo athokozisa umuzi kaNkulunkulu, indlu engcwele yoPhezukonke.


NguWena owaveza isiphethu nomfudlana; nguWena owomisa imifula egobhoza ingashi.


Bamlinga uNkulunkulu enhliziyweni yabo ngokucela ukudla ababekufisa.


Noma ashaya idwala kwaphuma amanzi, kwampompoza imifula; angabapha yini isinkwa noma abahlinzeke ngenyama abantu bakhe na?”


Wakhuleka usosizini, ngakukhulula; ngakuphendula ngisekusithekeni kokuduma, ngakuvivinya ngasemanzini eMeribha. Sela


Wena phakamisa induku yakho, welulele isandla sakho phezu kolwandle ulwehlukanise, yikhona abantu bakwa-Israyeli bezodabula ulwandle behamba emhlabathini owomileyo.


Kwathi nje u-Aroni esakhuluma nabantu bonke bakwa-Israyeli, baphenduka babheka ngasehlane; bheka, babona inkazimulo kaSimakade efini.


Kabazange bome lapho ebahola ezindaweni ezigagadekile; wenza ukuba amanzi agobhozele edwaleni; waqhekeza idwala, amanzi ampompoza.


“Thatha intonga, uqoqe inhlangano, wena no-Aroni umfowenu, ukhulume edwaleni phambi kwamehlo abo ukuba liveze amanzi alo. Uyakubavezela amanzi edwaleni, uyinike inhlangano nezinkomo zayo okokuphuza.”


UJesu waphendula, wathi kuye: “Ukuba ubusazi isipho sikaNkulunkulu, nokuthi ngubani lo othi kuwe: ‘Ngiphuzise,’ ngabe ucele kuye, Yena ubezakukunika amanzi aphilayo.”


Kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona, akayikoma naphakade. Ngokuba amanzi engiyakumnika wona ayakuba kuye ngumthombo wamanzi aphuphumsayo, kube ngukuphila kwaphakade.”


baphuza okufanayo komoya, ngokuba baphuza edwaleni lomoya elabalandelayo, lelo dwala lalinguKhristu.


Kuthatha izinsuku ezili-11 ukusuka eHorebhe uya eKadeshi Bharineya uma uhamba ngendlela esentabeni iSeyiri.


wakuhola ehlane elikhulu nelesabekayo elinezinyoka ezinesihlungu nofezela nomhlabathi owomileyo, lapho kwakungekho manzi khona; wakuvezela amanzi edwaleni lensengetsha.


UMoya nomakoti bathi: “Woza!” Nozwayo makathi: “Woza!” Nowomileyo makeze; othandayo makathabathe amanzi okuphila ngesihle.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka