Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 17:12 - IsiZulu 2020

12 Kodwa izandla zikaMose zase zikhathele, ngakho-ke bathatha itshe balibeka phansi kwakhe, wahlala kulo. U-Aroni noHure baphakamisa izandla zakhe, omunye kuleli cala nomunye kwelinye icala, izandla zama kanjalo ziqinile laze lashona ilanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Kodwa izandla zikaMose zaba nzima; bathatha itshe, walibeka phambi kwakhe, wahlala kulo; o-Aroni noHure basekela izandla zakhe, omunye engalapha, omunye engalapha; zase zihlala ziqinile izandla zakhe laze lashona ilanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Kodwa izandla zikaMose zazinzima; bathatha itshe, balibeka phansi kwakhe, wahlala phezu kwalo; o-Aroni noHure baphakamisa izandla zakhe, omunye ngalapha, omunye engalapha; izandla zakhe zaziqinile laze lashona ilanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 17:12
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Hosha umkhonto wakho, uvimbe endleleni yabangizingelayo, yithi enhliziyweni yami: “Mina ngiyinsindiso yakho.”


Noma nini lapho isandla sikaMose siphakeme, u-Israyeli wayenqoba, kodwa uma esehlisa esiphumuza, kunqobe ama-Amaleki.


UJoshuwa wanqoba u-Ameleki nabantu bakhe ngenkemba.


Wathi kumalunga: “Silindeni lapha kule ndawo size sibuyele kini. Bhekani, u-Aroni noHure banani; noma ngubani onodaba makaye kubo.”


Qinisani izandla eziyethileyo, niqinise amadolo axegayo.


Njengalokhu nani nisizana nathi ngokusinxusela, ukuze babe baningi ababongayo ngenxa yethu ngesipho esisinikiweyo ngokucela kwabaningi.


ngokukhuleka konke nokunxusa, nikhuleka ngezikhathi zonke nikuMoya; kulokho nilinde ngesineke sonke nangokunxusela abangcwele bonke,


Ngokuba ngiyazi ukuthi imikhuleko yenu nokungisiza kwenu okukhulu ngokukaMoya kaJesu Khristu, kuzakwelekelela ekukhululweni kwami.


Qiniselani ekukhulekeni, nilinde nikuwo ninokubonga.


Ngakho-ke qinisani izandla ezibuthakathaka namadolo axegayo.


Kepha makacele ngokukholwa, engangabazi nakancane, ngokuba ongabazayo ufana nedlambi lolwandle elidudulwa ngumoya, ulise le nale.


UJoshuwa akasifinyezanga isandla sakhe, wayelokhu eselulile siphethe inkemba, waze wazibhubhisa zonke izakhamuzi zase-Ayi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka