Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 15:1 - IsiZulu 2020

1 UMose nabantu bakwa-Israyeli bahuba leli hubo kuSimakade, bathi: “Ngizohlabelela kuSimakade, ngokuba uphakeme kakhulu, ihhashi nomgibeli walo ukuphonse olwandle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Base behlabelela uMose nabantwana bakwa-Israyeli leli gama, bekhuluma bethi: “Ngizakuhlabelela kuJehova, ngokuba uphakeme kakhulu; ihhashi nenkweli yalo ukuphonse elwandle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 UMozisi labantwana bakoIsrayeli basebehlabela lelihubo ekudumiseni iN, bakhuluma bathi: Ngizahlabelela iNKOSI, ngoba uphakeme kakhulu; Waphonsa ihhashi nomgibeli walo olwandle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 15:1
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ulwandle waludabula kabili ukuze bawele behamba emhlabathini owomileyo, kodwa ababehubha u-Israyeli wabaphonsa ekujuleni, bazika njengetshe emanzini anamandla.


Khumbula ukudumisa imisebenzi yakhe abahlabelela ngayo abantu.


Wayesebakhipha abantu bakhe bethokozile, abakhethiweyo bakhe bahuba ngokwethaba.


Base bewakholwa amazwi akhe, bahlabelela ngodumo lwakhe.


Mabambonge uSimakade ngomusa wakhe nangezimangaliso zakhe kubantwana babantu.


Mabambonge uSimakade ngomusa wakhe nangezimangaliso zakhe kubantwana babantu.


Wena uyindawo yami yokubhaca, uyangivikela enkathazweni, ungiphahla ngenjabulo yokukhululwa. Sela


Ngokusola kwakho, Nkulunkulu kaJakobe, inqola nehhashi kwehlelwe ngubuthongo.


Wena, yebo, Wena uyesabeka; ngubani ongema phambi kwakho lapho uthukuthele na?


USimakade wathi kuMose: “Yelulela isandla sakho phezu kolwandle, ukuze amanzi abuyele phezu kwabaseGibhithe, naphezu kwezinqola zabo zempi, naphezu kwabagibele amahhashi.”


UMose welulela isandla sakhe phezu kolwandle, ulwandle lwabuyela esimweni salo entathakusa. AbaseGibhithe babaleka, kodwa uSimakade wabaphonsa phakathi kolwandle abaseGibhithe.


UMiriyamu wahlabelela wathi: “Hlabelelelani uSimakade, ngokuba uphakeme kakhulu, ihhashi nomgibeli walo ukuphonse olwandle.”


Manje ngiyazi ukuthi uSimakade mkhulu kunabo bonke onkulunkulu, ngoba ukhulule abantu bakhe kwabaseGibhithe, lapho bebebaphethe khona ngokubaqonela.”


Ugibe lusesiphambekweni somuntu omubi, kodwa olungileyo uhlabelela ngentokozo.


Mhubeleni uSimakade ihubo elisha, indumiso yakhe kusukela emikhawulweni yomhlaba, nina enehlela olwandle nakho konke okukulo, nina ziqhingi nabakhileyo kuzo.


ngawe ngiphahlaze ihhashi nomgibeli walo, ngawe ngiphahlaze inqola nogibele kuyo,


“Ngiyakususa amagama oBhali emlonyeni wakhe, abasayukukhunjulwa ngamagama abo.


nokho mina ngiyakujabula ngoSimakade, ngithokoze ngoNkulunkulu wensindiso yami.


U-Israyeli wayesehlabelela leli culo elithi: “Mpompoza, mthombo! Hlabelelani ngawo!


Wabephuca izikhali ababusi nabanamandla, wabathela ngehlazo obala, ebanqoba ngesiphambano.


Bahlabelela igama likaMose, inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: “Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Somandla; zilungile, ziqinisile izindlela zakho, wena Nkosi yezizwe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka