Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 14:16 - IsiZulu 2020

16 Wena phakamisa induku yakho, welulele isandla sakho phezu kolwandle ulwehlukanise, yikhona abantu bakwa-Israyeli bezodabula ulwandle behamba emhlabathini owomileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Phakamisa wena induku yakho, welule isandla sakho phezu kolwandle, ulwahlukanise; abantwana bakwa-Israyeli bazakuhamba phakathi kolwandle emhlabathini owomileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kepha wena phakamisa udondolo lwakho, welule isandla sakho phezu kolwandle, uluhlukanise, ukuze abantwana bakwa-Israyeli badabule ulwandle emhlabathini owomileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 14:16
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathi kuGehazi: “Bopha ukhalo lwakho, uthathe udondolo lwami ngesandla sakho, uhambe; uma uhlangana nomuntu, ungambingeleli; uma umuntu ekubingelela, ungamphenduli, uyobeka udondolo lwami ebusweni bomntwana.”


USimakade wathi kuMose: “Ukhalelani kimi na? Khuluma kubantu bakwa-Israyeli ukuba bahambe.


USimakade wathi kuMose: “Yelulela isandla sakho phezu kolwandle, ukuze amanzi abuyele phezu kwabaseGibhithe, naphezu kwezinqola zabo zempi, naphezu kwabagibele amahhashi.”


USimakade wathi kuMose: “Hamba phambi kwabantu, uthathe amanye amalunga akwa-Israyeli, nenduku yakho owashaya ngayo umfula, yiphathe ngesandla sakho, uhambe.


Ngizobe ngimi phambi kwakho laphaya edwaleni eHorebhe. Uyakulishaya idwala kuphume amanzi kulo, ukuze abantu baphuze.” UMose wenza kanjalo ebuka amalunga akwa-Israyeli.


Phatha le nduku ngesandla sakho, wenze ngayo izibonakaliso.”


USimakade wathi kuye: “Yini le esesandleni sakho na?” Wathi: “Yinduku.”


UMose wathatha umkakhe namadodana akhe, wabagibelisa embongolweni, wahamba wabuyela eGibhithe. UMose wayephethe induku kaNkulunkulu ngesandla.


USimakade wathi kuMose: “Yisho ku-Aroni uthi: ‘Thatha induku yakho uyelulele phezu kwamanzi aseGibhithe, phezu kwemithombo, naphezu kwemifula, phezu kwamaxhaphozi, namachibi, ukuze amanzi aphenduke igazi. Kuyoba negazi kulona lonke iGibhithe, ngisho nasezitsheni zokhuni nezitsha zamatshe.’ ”


“Uma uFaro ethi yenzani isibonakaliso, ubokuthi ku-Aroni: ‘Thatha induku yakho uyiphonse phansi phambi kukaFaro; iyophenduka inyoka.’ ”


USimakade Wamabandla uzobaxebula ngenkalivasi njengoba enza mhla eshaya abakwaMidiyani ngasedwaleni i-Orebhi, nentonga yakhe iyakuba phezu kolwandle; uyakuyiphakamisa njengoba enza eGibhithe.


Simakade, ngabe ubuyithukuthelele yini imifula na? Ngabe ulaka lwakho belumelene yini nemifula noma intukuthelo yakho nolwandle, ukuba ugibele amahhashi akho, nezinqola zakho zokunqoba, na?


UMose waphakamisa isandla sakhe, walishaya kabili idwala ngentonga yakhe, kwaphuma amanzi amaningi, yaphuza inhlangano nemfuyo yayo.


USimakade wathi kuJoshuwa: “Yelulela ngase-Ayi umkhonto osesandleni sakho, ngokuba ngiyakulinikela esandleni sakho.” UJoshuwa welulela ngasemzini umkhonto owawusesandleni sakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka