Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 12:8 - IsiZulu 2020

8 Bayakulidla iwundlu ngalobo busuku; bayakulidla losiwe emlilweni nesinkwa esingenamvubelo nemifino ebabayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Bazakuyidla inyama ngalobo busuku, yosiwe ngomlilo; bayakuyidla kanye nesinkwa esingenamvubelo nemifino ebabayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Bayakuyidla inyama ngalobo busuku, yosiwe ngomlilo nesinkwa esingenamvubelo; bayakuyidla kanye nemifino ebabayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 12:8
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Balosa iphasika emlilweni njengokomthetho, neminikelo engcwele bayibilisa emabhodweni, ezisefeni nasemapanini, bashesha bayinika bonke abantu besizwe.


Ngichithiwe njengamanzi; kuxega wonke amalungu ami. Inhliziyo yami incibilika njengengcina ezibilini zami.


benza impilo yabo yaba muncu ngokubasebenzisa kanzima odakeni nasezitinini, nasemisebenzini yonke emasimini. Babaphatha ngendlakadla enkulu kukho konke ababebenzisa khona.


Ningakudli kuluhlaza noma kubiliswe ngamanzi, kodwa imilenze yalo, ikhanda, nezangaphakathi makosiwe emlilweni.


UMose wathi kubantu: “Lukhumbuleni lolu lusuku enaphuma ngalo eGibhithe endlini yobugqila, ngokuba uSimakade wanikhipha lapho ngesandla sakhe esinamandla; makungadliwa sinkwa esinemvubelo ngalo.


Isinkwa esingenamvubelo siyodliwa izinsuku eziyisikhombisa; akukho mvubelo eyotholakala phakathi kwenu, futhi akuyukutholakala mvubelo kuyo yonke indawo yenu.


“Awuyukuletha kimi igazi lomhlatshelo wami nanoma yini okunemvubelo, noma ugcine amanoni omkhosi wami kuze kube ngakusasa.


“Awuyukunikela ngegazi lomhlatshelo wami nesinkwa esinemvubelo. Umhlatshelo womkhosi wephasika awuyukuhlala kuze kuse.


Nokho uSimakade wathanda ukuyishaya ngezifo. Wenza umphefumulo wayo waba ngumnikelo wecala. Iyakusibona isizukulwane sayo, yenze izinsuku zayo zibe ziningi, nentando kaSimakade iyakuphumelela esandleni sayo.


Nishise umnikelo wokubonga ngokunemvubelo, nimemezele iminekelo yesihle, niqhoshe ngayo, ngokuba nithanda ukwenza kanjalo, bantu bakwa-Israyeli,” kusho iNkosi uSimakade.


“Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nowokunxusa. Bayakungibuka mina, lowo abamgwazayo. Bayakumlilela njengokulilela kozelwe yedwa, babe nomunyu ngaye, njengokukhalela kalusizi izibulo.


Base beqonda ukuthi akashongo ukuba baxwaye imvubelo yezinkwa, kepha imfundiso yabaFarisi nabaSadusi.


Kuthe besadla, uJesu wathatha isinkwa, wasihlephula, wanika abafundi bakhe, wathi: “Thathani nidle, lokhu kungumzimba wami.”


Imvubelo encane iyikhukhumalisa yonke inhlama.


Uyolipheka, ulidle endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayoyikhetha, bese uphenduka ekuseni ubuyela emathendeni akho.


Nani naba ngabalingisa thina neNkosi, ngokuba nanxa nahlushwa kanzima, kodwa nalemukela izwi ngenjabulo evela kuMoya oNgcwele,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka