Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 11:6 - IsiZulu 2020

6 Kuzokuba nesililo esikhulu, esingakaze sibe khona, futhi esingayukuphinde sibe khona kulo lonke iGibhithe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Kuyakuba khona ukukhala okukhulu ezweni lonke laseGibithe, okungazange kube khona okungangako, okungasayikuba khona futhi okungangako.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Kuyakuba khona isililo esikhulu ezweni lonke laseGibithe, esingakaze sibe khona, nesingayikuba khona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 11:6
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha ngasohlangothini lwabakwa-Israyeli akukho muntu nasilwane okuzokufa, ngisho inja imbala ayiyukugwavumela muntu namfuyo, ukuze nazi ukuthi uSimakade wehlukanisile phakathi kwabaseGibhithe nabakwa-Israyeli.’


UFaro wavuka ebusuku nezinceku zakhe nabo bonke abaseGibhithe, ngokuba kwakunesililo esikhulu eGibhithe kungekho muzi okwakungafanga muntu kuwo.


USimakade wathi: “Ngikubonile ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibhithe, futhi ngikuzwile ukukhala kwabo ngenxa yababacindezelayo, ngiyakwazi nokuhlupheka kwabo.


Uyabona-ke, kusasa ngalesi sikhathi ngizothumela isichotho esinamandla amakhulu, esingakaze sibonwe eGibhithe selokhu laba khona kuze kube namuhla.


Ovala indlebe ekukhaleni kwabampofu, naye uyokhala angaphendulwa.


ngokuba ukukhala kwabakwaMowabi kuzungeze imingcele yakhona, ukulila kwabo kuze kufinyelele e-Egelayimi, nokububula kwabo kufike eBheri Elimi.


Ngalolo lusuku abaseGibhithe bayofana nabesifazane, bathuthumele ngukwesaba, ngenxa yesandla sikaSimakade Wamabandla esimelene nabo.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Izwi liyezwakala eRama, ukulila nokukhala okumunyu, uRaheli ekhalela abantwana bakhe; uyala ukududuzwa ngabantwana bakhe, ngokuba abasekho.”


Nalapho ngikhala ngicela usizo, akawunakanga umkhuleko wami.


Kuyakuba khona isililo nasezivinini zonke, ngokuba ngiyakudabula phakathi kwenu,” kusho uSimakade.


“Kuyakuthi ngalolo lusuku kube khona ukukhala kalusizi, kuvela eSangweni Lezinhlanzi, nokulila, kuvela eNgxenyeni Yesibili, nokuphihlika okukhulu, kuvela emagqumeni.


“Lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo, uma senibona u-Abhrahama, u-Isaka, uJakobe, nabaphrofethi bonke embusweni kaNkulunkulu, kodwa nina nikhishelwe phandle.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka