Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 9:12 - IsiZulu 2020

12 USimakade wathi kimi: ‘Sukuma, wehle masinyane, ngokuba abantu bakho owabakhipha eGibhithe bonile, ngokushesha baphambukile endleleni engabayala ngayo; bazenzele isithombe esibunjiweyo.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 UJehova wathi kimi: ‘Vuka wehle lapha masinyane, ngokuba abantu bakho owabakhipha eGibithe bonile, baphambukile masinyane endleleni engabayala ngayo; bazenzele isithombe esibunjiweyo.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 UJehova wathi kimi: “Sukuma, usuke lapha masinyane; ngokuba abantu bakho owabakhipha eGibithe babunile, baba yincithakalo; baphambukile masinyane endleleni engabayala ngayo; bazenzela isithombe esibunjiweyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 9:12
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bahlehlela emuva, njengoyisemkhulu, bamkhohlisa, baphambuka njengomnsalo ogejile.


UMose wathi kubantu: “Lukhumbuleni lolu lusuku enaphuma ngalo eGibhithe endlini yobugqila, ngokuba uSimakade wanikhipha lapho ngesandla sakhe esinamandla; makungadliwa sinkwa esinemvubelo ngalo.


Lapho abantu bebona ukuthi uMose usephuzile ukwehla entabeni, babuthana ku-Aroni, bathi kuye: “Woza, usenzele onkulunkulu abazohamba phambi kwethu, ngokuba lo Mose, umuntu owasikhipha eGibhithe, asazi ukuthi wehlelwe yini.”


“Ngiyakwenzani ngawe Efrayimi na? Ngiyakwenzani ngawe Juda na? Uthando lwenu lunjengomlalamvubu ekuseni, nanjengamazolo asekuseni eshabalala.


Ngiyamangala ukuthi senimhlubuke ngokushesha okungaka owanibiza ngomusa kaKhristu, nina-ke seniya kwelinye ivangeli.


Ngiyazi ukuthi uma sengifile niyokona nokona, niphambuke endleleni enginiyale ngayo. Ngezinsuku ezizayo niyokwehlelwa ngububi, ngokuba niyokwenza okubi emehlweni kaSimakade, nimthukuthelise ngemisebenzi yezandla zenu.”


“Bonile kuye; abaseyibo abantwana bakhe, ngenxa yesici sabo; bayisizukulwane esiphambeneyo nesiyisigwegwe.


Funa nenze okubi, nizenzele izithombe ezibaziweyo, eziwumfanekiso wowesilisa noma wowesifazane,


Khumbula ukuthi nawe wawuyisigqila eGibhithe, nokuthi uSimakade uNkulunkulu wakho wakukhipha khona ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo; yingakho-ke uSimakade uNkulunkulu wakho wakuyala ukuba ugcine usuku lwesabatha.


Ngabona ukuthi nempela, nanonile kuSimakade uNkulunkulu wenu; nanizenzele ithole elibunjiweyo, naphambuka ngokushesha endleleni uSimakade ayeniyale ngayo.


Ngakhuleka kuSimakade, ngathi: ‘Nkosi Simakade, ungababhubhisi abantu bakho nefa lakho olihlengile ngobukhulu bakho, walikhipha eGibhithe ngesandla esinamandla.


“ ‘Bangabantu bakho nefa lakho owalikhipha ngamandla akho amakhulu nangengalo yakho eyeluliweyo.’ ”


Kepha laba, bahlambalaza nalezo zinto abangazaziyo, babhujiswa nayilezo zinto abazaziyo ngokwemvelo, njengezilwane ezingenakuqonda.


Nokho ababalalelanga abehluleli babo, ngokuba baphinga nabanye onkulunkulu, babakhothamela. Ngokushesha bachezuka endleleni abahamba kuyo oyisemkhulu, ababelalela imiyalo kaSimakade, abazange basilandele isibonelo sabo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka