Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 8:17 - IsiZulu 2020

17 Uze uthi enhliziyweni yakho: ‘Amandla ami nezikhwepha zesandla sami kungizuzele yonke le mfuyo.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 uze uthi enhliziyweni yakho: ‘Amandla ami nezikhwepha zesandla sami kunginike le mfuyo.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Futhi uthi enhliziyweni yakho: Amandla ami namandla esandla sami kungizuzele le ngcebo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 8:17
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

uma ngathokoziswa ngukuba nengcebo enkulu nangukuthi isandla sami siyizuzile;


Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga, kodwa kwaba yisandla sakho sokunene nengalo yakho, nokukhanya kobukhona bakho, ngokuba wethaba ngabo.


isikhathi sokufuna, nesikhathi sokulahlekelwa; isikhathi sokulondoloza, nesikhathi sokusaphaza;


Kukhona okunye engakubona phansi komthunzi welanga: umncintiswano wokugijima awuyi ngajubane, nempi akusiyo eyabanamandla, nakudla kohlakaniphileyo, namcebo, nampumelelo kwabanamakhono, kodwa isikhathi nethuba kubehlela bonke.


Khuluma uthi: “Usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Izidumbu zabantu ziyakusabalala njengendle emasimini, nanjengokusanhlamvu okunqunyiwe okusala emva komvini, kungekho okubuthayo.’ ”


ngokuhlakanipha kwakho okukhulu, ekuhwebeni wandise ingcebo yakho; inhliziyo yakho yaqhosha ngenxa yomcebo wakho.


Ngalokho, nkosi, masamukeleke kuwe iseluleko sami, ushiye izono zakho ngokwenza okulungileyo, uhlukane nobubi bakho ngokuba nomusa kwabampofu; mhlawumbe impumelelo yakho ingaqhubekela phambili.”


Inkosi yathatha, yathi: “Angithi yileli Bhabhele elikhulu engilakhileyo ukuba libe yindlu yobukhosi ngezikhwepha zamandla ami, libe ludumo lobukhosi bami na?”


U-Efrayimi uthi: “Impela ngicebile, senginentilibathwa yomcebo. Kuzo zonke izithukuthuku zami abayukuthola kimi okubi okuyisono.”


Ngakho-ke uhlabela inetha lakhe, alishisele impepho inetha lakhe elihudulwayo, ngokuba isabelo sakhe sinokudla okuningi, unokwanele azokudla.


Ngubani okwenze waba ngcono kunabanye wena na? Yini onayo ongayiphiwanga na? Uma-ke uyiphiwe, pho kungani uzigabisa kube sengathi awuyamukeliswanga na?


“Uma uyakuthi enhliziyweni yakho: ‘Lezi zizwe ziningi kunami; ngingazixosha kanjani, na?’


“Ungalokothi uzitshele enhliziyweni yakho, lapho uSimakade uNkulunkulu wakho esebaxoshile phambi kwakho, uthi: ‘Kwaba ngenxa yokulunga kwami ukuba uSimakade angingenise ukuze ngilidle leli lizwe,’ kodwa kungenxa yobubi balezo zizwe uSimakade azixoshile phambi kwakho.


USimakade wathi kuGideyoni: “Amabutho anawe maningi kakhulu ukuba nginikele abakwaMidiyani esandleni sawo, funa u-Israyeli athathe udumo kungabi ngolwami, ethi: ‘Isandla sami singisindisile.’


USimakade wenza abampofu bacebe; uyathobisa, bese ephakamisa.


Wayesethi uDavide: “Aniyukwenza kanjalo, bafowethu, ngalokho esikuphiwe nguSimakade osilondolozile, walinikela esandleni sethu iviyo elasihlasela.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka