Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 7:19 - IsiZulu 2020

19 izilingo ezinkulu azibonayo amehlo akho, izibonakaliso, izimangaliso, isandla esinamandla nengalo eyeluliweyo, uSimakade uNkulunkulu wakho akukhipha ngakho. USimakade uNkulunkulu wakho uyokwenza kanjalo kuzo zonke izizwe ozesabayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 izilingo ezinkulu azibonayo amehlo akho, nezibonakaliso, nezimangaliso, nesandla esinamandla, nengalo eyeluliweyo uJehova uNkulunkulu wakho akukhipha ngakho; uyakwenza kanje uJehova uNkulunkulu wakho kuzo zonke izizwe ozesabayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

19 izilingo ezinkulu azibonayo amehlo akho, nezibonakaliso, nezimangaliso, nesandla esinamandla, nengalo eyeluliweyo uJehova uNkulunkulu wakho akukhipha ngakho; kanjalo uJehova uNkulunkulu wakho uyakwenza kuzo zonke izizwe ozesabayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 7:19
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ngesandla esinamandla nangezikhwepha, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


Wena uyiNkosi yami, Nkulunkulu, yaleza ukunqoba kukaJakobe.


ngicabange ngawo wonke umsebenzi wakho, ngizindle ngezenzo zakho.


Ngakho-ke yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘NginguSimakade, ngiyakunikhulula emithwalweni yabaseGibhithe, nginikhulule ekugqilazweni yibo, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezenzo ezinkulu zokwehlulela.


izinhlupheko ezinkulu azibonayo amehlo akho, izibonakaliso nalezo zimangaliso ezinkulu.


“Ngamyala uJoshuwa ngaleso sikhathi, ngathi: ‘Amehlo akho abonile konke uSimakade uNkulunkulu wenu akwenze kulawa makhosi amabili, ngakho-ke uSimakade uyokwenza kanjalo kuyo yonke imibuso enisazodabula kuyo.


Ukhona yini unkulunkulu owake walinga ukuza azithathele isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, ngezibonakaliso, ngezimangaliso, ngempi, ngesandla esinamandla, ngengalo eyeluliweyo, nangengebhe enkulu njengakho konke uSimakade uNkulunkulu wenu anenzela khona eGibhithe, nizibonela ngawenu, na?


UJoshuwa wathi kuzo: “Ningesabi, ningabi naluvalo; qinani, nime isibindi, ngokuba uSimakade uyakwenza kanjalo kuzo zonke izitha zenu enilwa nazo.”


ngokuba uSimakade uNkulunkulu wethu nguYena owasikhipha thina nokhokho bethu Gibhithe, endlini yobugqila, nowenza lezo zibonakaliso emehlweni ethu. Wasivikela endleleni yonke esahamba kuyo, naphakathi kwabo bonke abantu esedlula phakathi kwabo.


UJoshuwa wayesethi: “Niyokwazi ngalokhu ukuthi uNkulunkulu ophilayo uphakathi kwenu, ongayikwehluleka ukuxosha phambi kwenu amaKhanani, amaHithi, amaHivi, amaPherizi, amaGirigashi, ama-Amori, namaJebusi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka