Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 5:15 - IsiZulu 2020

15 Khumbula ukuthi nawe wawuyisigqila eGibhithe, nokuthi uSimakade uNkulunkulu wakho wakukhipha khona ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo; yingakho-ke uSimakade uNkulunkulu wakho wakuyala ukuba ugcine usuku lwesabatha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Wokhumbula ukuthi wawuyinceku ezweni laseGibithe nokuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakukhipha khona ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo; ngalokho uJehova uNkulunkulu wakho wakuyala ukugcina usuku lwesabatha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Khumbula ukuthi wawuyinceku ezweni laseGibithe nokuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakukhipha kulo ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo; ngalokho uJehova uNkulunkulu wakho wakuyala ukuba ugcine usuku lwesabatha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 5:15
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathi ku-Abhrama: “Yazi lokhu ukuqonde ukuthi inzalo yakho iyokuba ngabafokazi ezweni okungesilo elayo, ibe yizigqila, icindezelwe iminyaka engama-400.


Esabamba eyeka, amadoda amxhakathisa ngesandla, yena, nomkakhe, namadodakazi akhe womabili, abakhiphela ngaphandle komuzi, ngokuba uSimakade ngomusa wakhe wayefuna ukubaphephisa.


Impela ngiyinceku yakho Simakade, ngiyinceku yakho, indodana yencekukazi yakho, uzikhumulile izintambo zami.


ngesandla esinamandla nangezikhwepha, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


Kuyakuthi ngomuso lapho indodana yakho ikubuza, ithi: ‘Kuyini lokhu na?’ uyothi: ‘USimakade wasikhipha ngesandla esinamandla eGibhithe, indlu yobugqila.


Lokhu kuyakuba wuphawu esandleni sakho, nesikhumbuzo esiphongweni sakho, ukuthi uSimakade wasikhipha ngesandla esinamandla eGibhithe.”


UMose wathi kubantu: “Lukhumbuleni lolu lusuku enaphuma ngalo eGibhithe endlini yobugqila, ngokuba uSimakade wanikhipha lapho ngesandla sakhe esinamandla; makungadliwa sinkwa esinemvubelo ngalo.


“Kuyakuba kuwe wuphawu esandleni sakho, nesikhumbuzo esiphongweni sakho, ukuze umthetho kaSimakade uhlale ezindebeni zomlomo wakho , ngokuba ngesandla esinamandla uSimakade wakukhipha eGibhithe.


ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uSimakade wenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, waphumula ngosuku lwesikhombisa, ngalokho uSimakade walubusisa usuku lwesabatha, walwehlukanisela ukuba lube ngcwele.


Ngakho-ke yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘NginguSimakade, ngiyakunikhulula emithwalweni yabaseGibhithe, nginikhulule ekugqilazweni yibo, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezenzo ezinkulu zokwehlulela.


kuzo zonke izinhlupheko zabo. Ingelosi yobukhona bakhe yabasindisa. Wabahlenga ngenxa yothando lwakhe, nesihawu sakhe; wabetshatha, wabathwala zonke izinsuku zasemandulo.


“Manje, Nkosi, Nkulunkulu wethu, wena owakhipha abantu bakho eGibhithe ngesandla esinamandla, wazenzela igama njenganamuhla, sonile, senzile okubi.


Uyokhumbula ukuthi wawuyisigqila eGibhithe, uSimakade uNkulunkulu wakho wakuhlenga, ngakho-ke ngiyakuyala ngalokhu namuhla.


Uyokhumbula ukuthi wawuyisigqila eGibhithe, uqaphele ukuba uzilondoloze, futhi uzenze lezi zimiso.


USimakade wasikhipha eGibhithe ngesandla esinamandla, ngengalo eyeluliweyo, ngezenzo ezesabekayo nezinkulu, ngezibonakaliso nangezimangaliso.


“ ‘NginguSimakade uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila.


USimakade wathi kimi: ‘Sukuma, wehle masinyane, ngokuba abantu bakho owabakhipha eGibhithe bonile, ngokushesha baphambukile endleleni engabayala ngayo; bazenzele isithombe esibunjiweyo.’


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, azihlambululele isizwe esingesakhe, esinokushisekela imisebenzi emihle.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka