Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 5:12 - IsiZulu 2020

12 “ ‘Gcina usuku lwesabatha, ulungcwelise, njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wakho ekuyalile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 “ ‘Gcina usuku lwesabatha, ulungcwelise, njengalokho uJehova uNkulunkulu wakho ekuyalile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Gcina usuku lwesabatha ulungcwelise, njengalokho wakuyala uJehova uNkulunkulu wakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 5:12
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngalezo zinsuku ngabona abantu kwaJuda bekhama amagilebhisi ngeSabatha. Abanye babethwese izimbongolo zabo okusanhlamvu, iwayini, amagilebhisi, amakhiwane nezinye izinto, bekuyisa eJerusalema; ngabexwayisa ukuthi bangathengisi lutho ngeSabatha.


wathi kubo: “USimakade ukhulumile wathi: ‘Kusasa lusuku lokuphumula, usuku olungcwele kuSimakade, bhakani enifuna ukukubhaka, nibilise enifuna ukukubilisa, okuseleyo kubekeni kuze kube sekuseni.’ ”


Abantu baphumula ngosuku lwesikhombisa.


“Wena uqobo khuluma kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Niyakugcina amasabatha ami, ngokuba awuphawu phakathi kwami nani, naphakathi kwezizukulwane zenu, ukuba nazi ukuthi nginguSimakade oningcwelisayo.


Uyokwenza umsebenzi ngezinsuku eziyisithupha, kodwa usuku lwesikhombisa luyisabatha lokuphumula, usuku olungcwele kuSimakade. Yilowo nalowo owenza umsebenzi ngosuku lwesabatha uyobulawa.


Nabezizwe abazihlanganisa noSimakade ukuba bamkhonze, nokulithanda igama likaSimakade ukuba babe yizinceku zakhe, zonke ezigcina isabatha, zingaloni, nezibambelela esivumelwaneni sami,


“Uma uzinqanda ekungcoliseni isabatha, ungenzi umsebenzi wakho ngosuku lwami olungcwele; isabatha ulibize ngokuthi yintokozo, nosuku olungcwele lukaSimakade ngokuthi luhloniphekile, uluhloniphe; ungahambi ngezindlela zakho, wenza okuthandwa nguwe noma imisebenzi yakho,


futhi ningakhiphi mthwalo ezindlini zenu ngosuku lwesabatha, futhi ningenzi msebenzi, kodwa lungcweliseni usuku lwesabatha, njengalokhu ngabayala okhokho benu,


UJesu wayesethi kubo: “Isabatha lenzelwa umuntu, umuntu akenzelwanga isabatha.


Uyosebenza izinsuku eziyisithupha, uwenze wonke umsebenzi wakho,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka