Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 4:16 - IsiZulu 2020

16 Funa nenze okubi, nizenzele izithombe ezibaziweyo, eziwumfanekiso wowesilisa noma wowesifazane,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 funa none, nizenzele izithombe ezibaziweyo, isimo somfanekiso wowesilisa noma owowesifazane,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ukuze ningonakalisi, nizenzele isithombe esibaziweyo, umfanekiso wanoma yisiphi isimo, umfanekiso wowesilisa noma wowesifazane,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 4:16
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

USimakade wakhuluma kuMose, wathi: “Phuthuma wehle, ngokuba abantu bakho owabakhipha eGibhithe benze isono.


Ningamfanisa nobani uNkulunkulu na? Ningamqhathanisa namuphi umfanekiso na?


Umbazi welula intambo yokukala, adwebe umuthi ngokubomvu, awugwede ngezingwedo, awuklame ngensimbi yokudweba isiyingi, awenze ngomfanekiso womuntu, ube nobuhle bomuntu; ukuba uhlale endlini.


Ngangena, ngabona; kwakunemifanekiso yazo zonke izinto ezinwabuzelayo, nezilwanyana ezinengekayo, nazo zonke izithombe zendlu ka-Israyeli, kudwetshwe odongeni nxazonke.


“ ‘Aniyukuphendukela konkulunkulu abayize, aniyukuzenzela izithombe ezakhiwe; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.


“ ‘Aniyukuzenzela onkulunkulu abangasho lutho, aniyukuzimisela izinsika, aniyukuzibekela itshe elingumfanekiso ezweni lakini, ukuba nikukhothamele; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.


UNkulunkulu unguMoya, ngakho-ke abamkhonzayo kufanele bamkhonze ngomoya nangeqiniso.”


“Ngakho-ke njengalokhu singabozalo lukaNkulunkulu, akufanele ukuba sithi ubuNkulunkulu bufana negolide noma isiliva noma itshe, izinto eziqoshwe ngekhono nangesu lomuntu.


Ungazimiseli insika eyoba yisinengiso kuSimakade uNkulunkulu wakho.”


“ ‘Makaqalekiswe umuntu owenza isithombe esibaziweyo nesibunjiweyo, isinengiso kuSimakade, umsebenzi wezandla zengcweti, asimise esithe.’ “Bonke abantu bayothi: ‘Amen.’


Ngiyazi ukuthi uma sengifile niyokona nokona, niphambuke endleleni enginiyale ngayo. Ngezinsuku ezizayo niyokwehlelwa ngububi, ngokuba niyokwenza okubi emehlweni kaSimakade, nimthukuthelise ngemisebenzi yezandla zenu.”


Qaphelani, funa nikhohlwe isivumelwano sikaSimakade uNkulunkulu wenu asenza nani, bese nizenzela izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento uSimakade uNkulunkulu wakho akuyala ngayo.


“Kuyothi lapho sewuzele abantwana, nabo bazala ababo, senihlale isikhathi eside ezweni, bese nona, nenze izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento ethile, nenze okubi emehlweni kaSimakade uNkulunkulu wakho, nimthukuthelise,


“ ‘Ungazenzeli izithombe ezibaziweyo zomfanekiso wokusezulwini phezulu, nokusemhlabeni phansi, nokusemanzini phansi komhlaba.


Ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba Mina Simakade uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngijezisela ububi bawoyise kubantwana kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,


USimakade wathi kimi: ‘Sukuma, wehle masinyane, ngokuba abantu bakho owabakhipha eGibhithe bonile, ngokushesha baphambukile endleleni engabayala ngayo; bazenzele isithombe esibunjiweyo.’


Manje kuyo iNkosi yaphakade, engabhubhiyo, nengabonwayo; uNkulunkulu munye, makube ludumo nenkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka