Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 4:13 - IsiZulu 2020

13 Wamemezela kini isivumelwano sakhe aniyala ngaso ukuba nisigcine, imiyalelo elishumi ayiloba ezibhebheni ezimbili zamatshe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Wanimemezelela isivumelwano sakhe aniyala ngaso ukuba nisenze, imiyalelo eyishumi; wayiloba ezibhebheni ezimbili zamatshe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Futhi wamemezela kini isivumelwano sakhe aniyala ukuba nisigcwalise, okungukuthi imiyalo eyishumi; waliloba ezibhebheni ezimbili zamatshe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 4:13
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwakungekho lutho emphongolweni, kuphela izibhebhe ezimbili zamatshe ezazibekwe khona nguMose eHorebhe, lapho uSimakade enza khona isivumelwano nabantu bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibhithe.


Uyalile ukuba izimiso zakho zigcinwe impela.


Ngakho-ke uma nililalela ngokucophelela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyokuba yisabelo sami esiligugu phakathi kwazo zonke izizwe, ngokuba umhlaba wonke ungowami.


USimakade wathi kuMose: “Khuphukela kimi entabeni uhlale lapho, ngizokunika izibhebhe zamatshe, umthetho nemiyalelo engikubhalileyo ukuze ubafundise yona.”


USimakade eseqedile ukukhuluma noMose entabeni iSinayi, wamnika izibhebhe ezimbili zesivumelwano, izibhebhe zamatshe, zibhalwe ngomunwe kaNkulunkulu.


USimakade wathi kuMose: “Zibazele izibhebhe ezimbili zamatshe zifane nezokuqala. Ngizobhala kuzo amazwi ayesezibhebheni zokuqala owazephulayo.


Wahlala lapho noSimakade izinsuku ezingama-40, nobusuku obungama-40, akadlanga lutho, futhi akaphuzanga manzi. Wabhala ezibhebheni amazwi esivumelwano, imiyalelo elishumi.


abangaba-Israyeli, okungesabo isimo sobuntwana nenkazimulo; izivumelwano, ukumiswa komthetho, inkonzo, nezithembiso;


Uma inkonzo yokufa eyayiqoshiwe ematsheni yafika inenkazimulo, kangangokuba abantwana bakwa-Israyeli babengakwazi ukububuka ubuso bukaMose, ngenxa yenkazimulo ephelayo eyayisebusweni bakhe,


USimakade wakhuluma kini ephakathi emlilweni; nezwa izwi likhuluma, kodwa anibonanga simo, nezwa izwi kuphela.


USimakade wangiyala ngaleso sikhathi ukuba nginifundise izimiso nezehlulelo ukuze nizigcine ezweni enizongena kulo ukulidla.


“Yilawo amazwi uSimakade awakhuluma enhlanganweni yenu yonke entabeni, ephakathi komlilo, nefu, nesigayegaye sobumnyama, nangezwi elikhulu, akathasiselanga lutho. Wawaloba ezibhebheni ezimbili zamatshe, wanginika zona.


Kwakukhona kuyo i-althare legolide lempepho, kanye nomphongolo wesivumelwano owawuhuqwe ngegolide nxazonke, okwakukhona kuwo isitsha segolide esasiphethe imana, induku ka-Aroni eyahlumayo, nezibhebhe zesivumelwano.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka